KumaHeberu 11:8-16
KumaHeberu 11:8-16 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona. Ngokholo wagogobala elizweni lesithembiso njengowezizwe, ehlala emathenteni kanye loIsaka loJakobe, ababeyizindlalifa kanye laye zalesosithembiso; Ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu. Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa, esedlulelwe yisikhathi, wabeletha, ngokuba wathi ukholekile owethembisileyo. Ngakho-ke kwazalwa ngoyedwa, yena engofileyo, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, nangangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa. Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni. Ngokuba abasho izinto ezinjalo babonakalisa ukuthi bafuna izwe. Futhi ngempela, uma babekhumbula izwe ababephuma kulo, babeyoba nethuba lokubuyela emuva. Kepha manje bafuna izwe elingcono, okungukuthi elasezulwini; ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.
KumaHeberu 11:8-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokukholwa, u-Abhrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa, ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona. Ngokukholwa, waba ngumfokazi ezweni lesithembiso, izwe angalazi, ehlala emathendeni beno-Isaka noJakobe, ababeyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso, ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omdwebimumo nomakhi wawo kunguNkulunkulu. Ngokukholwa, naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa esedlulelwe yisikhathi, ngokuba wathi ukholekile owethembisayo. Ngakho-ke koyedwa, owayesefana nonjengosewafa, kwavela abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa. Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kodwa bezibonile, bazithakasela zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni. Ngokuba abasho kanjalo, babonakalisa ngokusobala ukuthi bafuna izwe lakubo. Uma kambe bebecabanga ngalelo ababephuma kulo, bebeyakuba nethuba lokubuyela kulo. Kepha manje balangazelela lelo elihle kunalelo, okungukuthi elasezulwini. Ngakho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngoNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.
KumaHeberu 11:8-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona. Ngokukholwa waba ngumfokazi ezweni lesithembiso kwangathi ngelezizwe, ehlala ematendeni, beno-Isaka noJakobe, beyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso, ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu. Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa esedlulelwe yisikhathi, ngokuba wathi ukholekile owethembisayo. Ngakho-ke kwavela koyedwa, yena enjengosewafa, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa. Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kepha bezibonile, bezithakazele zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni. Ngokuba abasho kanjalo babonakalisa ukuthi bafuna izwe lakubo. Uma kambe bebecabanga ngalelo ababephuma kulo, bebeyakuba nethuba lokubuyela kulo; kepha manje balangazelela elihle kunalelo, okungukuthi elasezulwini. Ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngokuthi uNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.
KumaHeberu 11:8-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)