KumaHeberu 11

11
KumaHeberu 11
1Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kungukuqiniseka ngezinto ezingabonwayo.
2Ngoba abadala bafakazelwa ngakho.
3Ngokukholwa siyaqonda ukuthi izwe ladatshulwa ngezwi likaNkulunkulu, ukuze okubonwayo kakuvelanga kokubonwayo.
4Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunokaKayini, afumana ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu efakaza ngezipho zakhe;
5Ngokukholwa u-Enoke wasuswa, ukuze angaboni ukufa; akafunyanwanga, ngokuba uNkulunkulu wayemthathile;
6Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.
7Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.
8Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona.
9Ngokholo wagogobala elizweni lesithembiso njengowezizwe, ehlala emathenteni kanye loIsaka loJakobe, ababeyizindlalifa kanye laye zalesosithembiso;
10Ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu.
11Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa, esedlulelwe yisikhathi, wabeletha, ngokuba wathi ukholekile owethembisileyo.
12Ngakho-ke kwazalwa ngoyedwa, yena engofileyo, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, nangangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.
13Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.
14Ngokuba abasho izinto ezinjalo babonakalisa ukuthi bafuna izwe.
15Futhi ngempela, uma babekhumbula izwe ababephuma kulo, babeyoba nethuba lokubuyela emuva.
16Kepha manje bafuna izwe elingcono, okungukuthi elasezulwini; ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.
17Ngokukholwa u-Abrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yena owayamukele izithembiso wanikela ngendodana yakhe ezelwe yodwa.
18okwathiwa ngaye: NgoIsaka inzalo yakho iyakubizwa;
19Ethi uNkulunkulu unamandla okumvusa nakwabafileyo; lapho laye wamamukela khona ngomfanekiso.
20Ngokukholwa u-Isaka wabusisa oJakobe no-Esawu ngezinto ezizayo.
21Ngokukholwa uJakobe esezakufa wabusisa amadodana kaJosefa omabili; wakhuleka encika esihlokweni sodondolo lwakhe.
22Ngokholo uJosefa esefile wakhuluma ngokuphuma kwabantwana bakoIsrayeli; walaya ngamathambo akhe.
23Ngokukholwa uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bambona engumntwana omuhle; futhi abawesabanga umyalo wenkosi.
24Ngokukholwa uMose esekhulile wala ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro;
25wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze isikhashana esonweni;
26wathi ukuthukwa kukaKristu kuyingcebo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo.
27Ngokukholwa washiya iGibithe, engesabi ulaka lwenkosi, ngokuba waqinisela sengathi uyambona ongabonwayo.
28Ngokukholwa wenza iPhasika nokufafazwa kwegazi, ukuze obhubhisa amazibulo angawathinti.
29Ngokukholwa badabula uLwandle Olubomvu kungathi kusemhlabathini owomileyo;
30Ngokukholwa izingange zaseJeriko zawa, sezizungeziwe izinsuku eziyisikhombisa.
31Ngokukholwa uRahabi isifebe akabhubhanga kanye nabangakholwanga, esamukele izinhloli ngokuthula.
32Ngisezakuthini futhi? ngoba isikhathi singaphela ngilandisa ngoGidiyoni, loBharaki, loSamsoni, loJefitha; ekaDavide, noSamuweli, neyabaprofethi;
33abathi ngokholo banqoba imibuso, benza ukulunga, bazuza izithembiso, bavala imilomo yezingonyama;
34bacima amandla omlilo, baphunyuka obukhali benkemba, baqiniswa ebuthakathakeni, baba ngamaqhawe ekulweni, baxosha amabutho abezizwe.
35Abesifazane bemukela abafileyo babo bevusiwe; abanye bahlushwa, kabavuma ukukhululwa; ukuze bathole ukuvuka okungcono kakhulu;
36Abanye balingwa ngokuhlekwa ngonya nangokubhaxabulwa, yebo, nangezibopho nokuboshwa;
37bakhandwa ngamatshe, banqunyulwa phakathi, balingwa, babulawa ngenkemba, bazulazula bembethe izikhumba zezimvu nezikhumba zezimbuzi; beswele, behlupheka, behlutshwa;
38(umhlaba wawungabafanele) bazulazula ezingwadule, nasezintabeni, nasemihumeni, nasemihumeni yomhlaba.
39Labo bonke laba, befakazelwe ngokholo, kabazemukelanga isithembiso;
40UNkulunkulu esesimisele okuthile okungcono kakhulu, ukuze bona bangapheleliswa ngaphandle kwethu.

Okuqokiwe okwamanje:

KumaHeberu 11: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo