KumaHeberu 11:6-7
KumaHeberu 11:6-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
kodwa-ke ngaphandle kokukholwa, kulukhuni ukumthokozisa, ngokuba lowo ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi uyabavuza labo abamfunayo. Ngokukholwa, uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, ehlonipha uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, ngokwenza kanjalo wawehlulela umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.
KumaHeberu 11:6-7 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo. Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.
KumaHeberu 11:6-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo. Ngokukholwa uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, esaba uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, okungakho walahla izwe, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.
KumaHeberu 11:6-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)