KumaHeberu 11:4-11
KumaHeberu 11:4-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunoKayini, athola ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu uqobo efakaza ngezipho zakhe; nangakho usakhuluma, noma efile. Ngokukholwa u-Enoke wathathwa, ukuze angaboni ukufa, akabe esafunyanwa, ngokuba uNkulunkulu wayemthabathile. Ngokuba engakathathwa ufakazelwe ukuthi wayethokozisa uNkulunkulu; kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo. Ngokukholwa uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, esaba uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, okungakho walahla izwe, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa. Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona. Ngokukholwa waba ngumfokazi ezweni lesithembiso kwangathi ngelezizwe, ehlala ematendeni, beno-Isaka noJakobe, beyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso, ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu. Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa esedlulelwe yisikhathi, ngokuba wathi ukholekile owethembisayo.
KumaHeberu 11:4-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunokaKayini, afumana ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu efakaza ngezipho zakhe; Ngokukholwa u-Enoke wasuswa, ukuze angaboni ukufa; akafunyanwanga, ngokuba uNkulunkulu wayemthathile; Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo. Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa. Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona. Ngokholo wagogobala elizweni lesithembiso njengowezizwe, ehlala emathenteni kanye loIsaka loJakobe, ababeyizindlalifa kanye laye zalesosithembiso; Ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu. Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa, esedlulelwe yisikhathi, wabeletha, ngokuba wathi ukholekile owethembisileyo.
KumaHeberu 11:4-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokukholwa, u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomnikelo owamukelekayo kunokaKhayini. Ngalokhu wathola ukunconywa ngokuthi ulungile, uNkulunkulu efakazela izipho zakhe. Nakuba esafa, usakhuluma nokho ngawo. Ngokukholwa, u-Enokhi wathathwa ukuze angaboni ukufa, akazange esafunyanwa, ngokuba uNkulunkulu wayemthabathile. Ngokuba engakathathwa wafakazelwa ukuthi wayemthokozisa uNkulunkulu, kodwa-ke ngaphandle kokukholwa, kulukhuni ukumthokozisa, ngokuba lowo ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi uyabavuza labo abamfunayo. Ngokukholwa, uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, ehlonipha uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, ngokwenza kanjalo wawehlulela umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa. Ngokukholwa, u-Abhrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa, ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona. Ngokukholwa, waba ngumfokazi ezweni lesithembiso, izwe angalazi, ehlala emathendeni beno-Isaka noJakobe, ababeyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso, ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omdwebimumo nomakhi wawo kunguNkulunkulu. Ngokukholwa, naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa esedlulelwe yisikhathi, ngokuba wathi ukholekile owethembisayo.
KumaHeberu 11:4-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)