KumaHeberu 11:1-40

KumaHeberu 11:1-40 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kungukuqiniseka ngezinto ezingabonwayo. Ngoba abadala bafakazelwa ngakho. Ngokukholwa siyaqonda ukuthi izwe ladatshulwa ngezwi likaNkulunkulu, ukuze okubonwayo kakuvelanga kokubonwayo. Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunokaKayini, afumana ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu efakaza ngezipho zakhe; Ngokukholwa u-Enoke wasuswa, ukuze angaboni ukufa; akafunyanwanga, ngokuba uNkulunkulu wayemthathile; Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo. Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa. Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona. Ngokholo wagogobala elizweni lesithembiso njengowezizwe, ehlala emathenteni kanye loIsaka loJakobe, ababeyizindlalifa kanye laye zalesosithembiso; Ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu. Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa, esedlulelwe yisikhathi, wabeletha, ngokuba wathi ukholekile owethembisileyo. Ngakho-ke kwazalwa ngoyedwa, yena engofileyo, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, nangangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa. Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni. Ngokuba abasho izinto ezinjalo babonakalisa ukuthi bafuna izwe. Futhi ngempela, uma babekhumbula izwe ababephuma kulo, babeyoba nethuba lokubuyela emuva. Kepha manje bafuna izwe elingcono, okungukuthi elasezulwini; ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi. Ngokukholwa u-Abrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yena owayamukele izithembiso wanikela ngendodana yakhe ezelwe yodwa. okwathiwa ngaye: NgoIsaka inzalo yakho iyakubizwa; Ethi uNkulunkulu unamandla okumvusa nakwabafileyo; lapho laye wamamukela khona ngomfanekiso. Ngokukholwa u-Isaka wabusisa oJakobe no-Esawu ngezinto ezizayo. Ngokukholwa uJakobe esezakufa wabusisa amadodana kaJosefa omabili; wakhuleka encika esihlokweni sodondolo lwakhe. Ngokholo uJosefa esefile wakhuluma ngokuphuma kwabantwana bakoIsrayeli; walaya ngamathambo akhe. Ngokukholwa uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bambona engumntwana omuhle; futhi abawesabanga umyalo wenkosi. Ngokukholwa uMose esekhulile wala ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro; wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze isikhashana esonweni; wathi ukuthukwa kukaKristu kuyingcebo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo. Ngokukholwa washiya iGibithe, engesabi ulaka lwenkosi, ngokuba waqinisela sengathi uyambona ongabonwayo. Ngokukholwa wenza iPhasika nokufafazwa kwegazi, ukuze obhubhisa amazibulo angawathinti. Ngokukholwa badabula uLwandle Olubomvu kungathi kusemhlabathini owomileyo; Ngokukholwa izingange zaseJeriko zawa, sezizungeziwe izinsuku eziyisikhombisa. Ngokukholwa uRahabi isifebe akabhubhanga kanye nabangakholwanga, esamukele izinhloli ngokuthula. Ngisezakuthini futhi? ngoba isikhathi singaphela ngilandisa ngoGidiyoni, loBharaki, loSamsoni, loJefitha; ekaDavide, noSamuweli, neyabaprofethi; abathi ngokholo banqoba imibuso, benza ukulunga, bazuza izithembiso, bavala imilomo yezingonyama; bacima amandla omlilo, baphunyuka obukhali benkemba, baqiniswa ebuthakathakeni, baba ngamaqhawe ekulweni, baxosha amabutho abezizwe. Abesifazane bemukela abafileyo babo bevusiwe; abanye bahlushwa, kabavuma ukukhululwa; ukuze bathole ukuvuka okungcono kakhulu; Abanye balingwa ngokuhlekwa ngonya nangokubhaxabulwa, yebo, nangezibopho nokuboshwa; bakhandwa ngamatshe, banqunyulwa phakathi, balingwa, babulawa ngenkemba, bazulazula bembethe izikhumba zezimvu nezikhumba zezimbuzi; beswele, behlupheka, behlutshwa; (umhlaba wawungabafanele) bazulazula ezingwadule, nasezintabeni, nasemihumeni, nasemihumeni yomhlaba. Labo bonke laba, befakazelwe ngokholo, kabazemukelanga isithembiso; UNkulunkulu esesimisele okuthile okungcono kakhulu, ukuze bona bangapheleliswa ngaphandle kwethu.

KumaHeberu 11:1-40 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo. Ngokuba okhokho bafakazelwa ngakho. Ngokukholwa, siqonda ukuthi umhlaba wadalwa ngezwi likaNkulunkulu, kwaze kwathi kulokho okungabonakaliyo kwavela okubonakalayo. Ngokukholwa, u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomnikelo owamukelekayo kunokaKhayini. Ngalokhu wathola ukunconywa ngokuthi ulungile, uNkulunkulu efakazela izipho zakhe. Nakuba esafa, usakhuluma nokho ngawo. Ngokukholwa, u-Enokhi wathathwa ukuze angaboni ukufa, akazange esafunyanwa, ngokuba uNkulunkulu wayemthabathile. Ngokuba engakathathwa wafakazelwa ukuthi wayemthokozisa uNkulunkulu, kodwa-ke ngaphandle kokukholwa, kulukhuni ukumthokozisa, ngokuba lowo ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi uyabavuza labo abamfunayo. Ngokukholwa, uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, ehlonipha uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, ngokwenza kanjalo wawehlulela umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa. Ngokukholwa, u-Abhrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa, ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona. Ngokukholwa, waba ngumfokazi ezweni lesithembiso, izwe angalazi, ehlala emathendeni beno-Isaka noJakobe, ababeyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso, ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omdwebimumo nomakhi wawo kunguNkulunkulu. Ngokukholwa, naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa esedlulelwe yisikhathi, ngokuba wathi ukholekile owethembisayo. Ngakho-ke koyedwa, owayesefana nonjengosewafa, kwavela abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa. Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kodwa bezibonile, bazithakasela zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni. Ngokuba abasho kanjalo, babonakalisa ngokusobala ukuthi bafuna izwe lakubo. Uma kambe bebecabanga ngalelo ababephuma kulo, bebeyakuba nethuba lokubuyela kulo. Kepha manje balangazelela lelo elihle kunalelo, okungukuthi elasezulwini. Ngakho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngoNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi. Ngokukholwa, u-Abhrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yebo, yena owayemukele izithembiso, wanikela ngozelwe yedwa wakhe, okwathiwa kuye: “Inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka,” wabona ukuthi uNkulunkulu unamandla okuvusa kwabafileyo; ngokungathekisa singathi wabuye wayithola indodana yakhe kungathi ivela kwabafileyo. Ngokukholwa, u-Isaka wabusisa uJakobe no-Esawu ngezinto ezizayo. Ngokukholwa, uJakobe esezokufa wabusisa yileyo naleyo yamadodana kaJosefa, wakhuleka eyeme esihlokweni sodondolo lwakhe. Ngokukholwa, uJosefa esezakufa wakhuluma ngofuduko lwabantu bakwa-Israyeli, wayaleza nangamathambo akhe. Ngokukholwa, uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bembona engumntwana omuhle; abawesabanga umyalo wenkosi. Ngokukholwa, uMose esekhulile wenqaba ukubizwa ngendodana yendodakazi kaFaro, kunalokho wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze okwesikhashana esonweni, wabona ukuthi ukuthukwa ngenxa kaKhristu kuyinzuzo enkulu kunengcebo yaseGibhithe, ngokuba wayebheke umklomelo. Ngokukholwa, washiya iGibhithe akaze alushaya nto yalutho ulaka lwenkosi, ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo. Ngokukholwa, wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angawathinti amazibulo abo. Ngokukholwa, badabula uLwandle Olubomvu kungathi bahamba emhlabathini owomileyo, okwathi lapho abaseGibhithe bezama ukuwela, baminza. Ngokukholwa, zawa izingange eJerikho emva kokuzungezwa izinsuku eziyisikhombisa. Ngokukholwa, uRahabi isifebe, akabhubhanga nalabo ababengalalelanga, ngokuba wemukela izinhloli ngokuthula. Ngingabuye ngithini ngokukholwa na? Ngingaphelelwa yisikhathi uma ngingaqhubeka ngilande ngoGideyoni, uBharaki, uSamsoni, uJeftha; ngoDavide noSamuweli nangabaphrofethi, okwathi ngokukholwa, banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama, bacima amandla omlilo, baphunyuka enkembeni, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe. Abesifazane babuyiselwa abakubo ababefile sebevusiwe, abanye balingwa, bajivazwa, bashaywa; yebo, baboshwa, bafakwa ejele. Bakhandwa ngamatshe, banqunywa ngamasaha, babulawa ngenkemba, bazulazula bembethe izikhumba zezimvu nezezimbuzi, beswele, behlushwa, bephathwa kabi; izwe lalingabafanele, bahamba emahlane, ezintabeni, emihumeni nasemigedeni yomhlaba. Bonke labo babenconyiwe ngokukholwa, nokho abasizuzanga isithembiso, ngokuba uNkulunkulu wayesibonele okuhle kunalokho, ukuze bangapheleliswa ngaphandle kwethu.

KumaHeberu 11:1-40 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo. Ngokuba okhokho bafakazelwa ngakho. Ngokukholwa siqonda ukuthi izwe lonke ladatshulwa ngezwi likaNkulunkulu, kuze kuthi okubonwayo akuvelanga kokubonwayo. Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunoKayini, athola ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu uqobo efakaza ngezipho zakhe; nangakho usakhuluma, noma efile. Ngokukholwa u-Enoke wathathwa, ukuze angaboni ukufa, akabe esafunyanwa, ngokuba uNkulunkulu wayemthabathile. Ngokuba engakathathwa ufakazelwe ukuthi wayethokozisa uNkulunkulu; kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo. Ngokukholwa uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, esaba uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, okungakho walahla izwe, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa. Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona. Ngokukholwa waba ngumfokazi ezweni lesithembiso kwangathi ngelezizwe, ehlala ematendeni, beno-Isaka noJakobe, beyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso, ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu. Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa esedlulelwe yisikhathi, ngokuba wathi ukholekile owethembisayo. Ngakho-ke kwavela koyedwa, yena enjengosewafa, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa. Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kepha bezibonile, bezithakazele zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni. Ngokuba abasho kanjalo babonakalisa ukuthi bafuna izwe lakubo. Uma kambe bebecabanga ngalelo ababephuma kulo, bebeyakuba nethuba lokubuyela kulo; kepha manje balangazelela elihle kunalelo, okungukuthi elasezulwini. Ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngokuthi uNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi. Ngokukholwa u-Abrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yebo, yena owayamukele izithembiso, wanikela ngozelwe yedwa wakhe, okwathiwa kuye: “Inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka,” ethi uNkulunkulu unamandla okuvusa nakwabafileyo; ngokulinganisa wabuye wamthola futhi evela khona. Ngokukholwa u-Isaka wabusisa oJakobe no-Esawu ngezinto ebezizakuza. Ngokukholwa uJakobe esezakufa wabusisa leyo naleyo yamadodana kaJosefa, wakhuleka encikile esihlokweni sodondolo lwakhe. Ngokukholwa uJosefa esezakufa wakhuluma ngokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli, wayaleza ngamathambo akhe. Ngokukholwa uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bembona engumntwana omuhle; abawesabanga umyalo wenkosi. Ngokukholwa uMose esekhulile wala ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro; kunalokho wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze isikhashana esonweni, ethi ukuthukwa ngenxa kaKristu kuyimfuyo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo. Ngokukholwa washiya iGibithe engesabi ulaka lwenkosi; ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo. Ngokukholwa wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angathinti amazibulo abo. Ngokukholwa badabula uLwandle Olubomvu kungathi kusemhlabathini owomileyo, okwathi abaseGibithe bekulinga lokho, baminza. Ngokukholwa izingange zaseJeriko zawa, sezizungeziwe izinsuku eziyisikhombisa. Ngokukholwa, uRahabi isifebe, akabhubhanga kanye nabangalalelanga, esezamukele izinhloli ngokuthula. Ngisezakuthini futhi na? Isikhathi kambe sizakungishiya, uma ngibalisa ngoGideyoni, noBaraki, noSamsoni, noJefta, noDavide, noSamuweli nabaprofethi, abathi ngokukholwa banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama, bacima amandla omlilo, baphepha osikweni lwenkemba, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe. Abesifazane bamukeliswa abafileyo babo bevusiwe; abanye bahlushwa, kabavuma ukukhululwa, ukuze bathole ukuvuka okuhle; abanye balingwa ngokujivazwa nokushaywa, yebo, nokuboshwa nokufakwa etilongweni; bakhandwa ngamatshe, banqunywa ngesaha, balingwa, babulawa ngenkemba, bazulazula bembethe izikhumba zezimvu nezezimbuzi, beswela, behlushwa, bephathwa kabi, izwe elingabafanele bona, behamba emahlane, nasezintabeni, nasemihumeni, nasemigedeni yomhlaba. Labo bonke, befakazelwe ngokukholwa, abazuzanga isithembiso, ngokuba uNkulunkulu wayesibonele okuhle kunalokho, ukuze bangapheleliswa ngaphandle kwethu.

KumaHeberu 11:1-40 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kungukuqiniseka ngezinto ezingabonwayo. Ngoba abadala bafakazelwa ngakho. Ngokukholwa siyaqonda ukuthi izwe ladatshulwa ngezwi likaNkulunkulu, ukuze okubonwayo kakuvelanga kokubonwayo. Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunokaKayini, afumana ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu efakaza ngezipho zakhe; Ngokukholwa u-Enoke wasuswa, ukuze angaboni ukufa; akafunyanwanga, ngokuba uNkulunkulu wayemthathile; Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo. Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa. Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona. Ngokholo wagogobala elizweni lesithembiso njengowezizwe, ehlala emathenteni kanye loIsaka loJakobe, ababeyizindlalifa kanye laye zalesosithembiso; Ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu. Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa, esedlulelwe yisikhathi, wabeletha, ngokuba wathi ukholekile owethembisileyo. Ngakho-ke kwazalwa ngoyedwa, yena engofileyo, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, nangangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa. Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni. Ngokuba abasho izinto ezinjalo babonakalisa ukuthi bafuna izwe. Futhi ngempela, uma babekhumbula izwe ababephuma kulo, babeyoba nethuba lokubuyela emuva. Kepha manje bafuna izwe elingcono, okungukuthi elasezulwini; ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi. Ngokukholwa u-Abrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yena owayamukele izithembiso wanikela ngendodana yakhe ezelwe yodwa. Okwathiwa ngaye: NgoIsaka inzalo yakho iyakubizwa; Ethi uNkulunkulu unamandla okumvusa nakwabafileyo; lapho laye wamamukela khona ngomfanekiso. Ngokukholwa u-Isaka wabusisa oJakobe no-Esawu ngezinto ezizayo. Ngokukholwa uJakobe esezakufa wabusisa amadodana kaJosefa omabili; wakhuleka encika esihlokweni sodondolo lwakhe. Ngokholo uJosefa esefile wakhuluma ngokuphuma kwabantwana bakoIsrayeli; walaya ngamathambo akhe. Ngokukholwa uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bambona engumntwana omuhle; futhi abawesabanga umyalo wenkosi. Ngokukholwa uMose esekhulile wala ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro; wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze isikhashana esonweni; wathi ukuthukwa kukaKristu kuyingcebo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo. Ngokukholwa washiya iGibithe, engesabi ulaka lwenkosi, ngokuba waqinisela sengathi uyambona ongabonwayo. Ngokukholwa wenza iPhasika nokufafazwa kwegazi, ukuze obhubhisa amazibulo angawathinti. Ngokukholwa badabula uLwandle Olubomvu kungathi kusemhlabathini owomileyo; Ngokukholwa izingange zaseJeriko zawa, sezizungeziwe izinsuku eziyisikhombisa. Ngokukholwa uRahabi isifebe akabhubhanga kanye nabangakholwanga, esamukele izinhloli ngokuthula. Ngisezakuthini futhi? ngoba isikhathi singaphela ngilandisa ngoGidiyoni, loBharaki, loSamsoni, loJefitha; ekaDavide, noSamuweli, neyabaprofethi; abathi ngokholo banqoba imibuso, benza ukulunga, bazuza izithembiso, bavala imilomo yezingonyama; bacima amandla omlilo, baphunyuka obukhali benkemba, baqiniswa ebuthakathakeni, baba ngamaqhawe ekulweni, baxosha amabutho abezizwe. Abesifazane bemukela abafileyo babo bevusiwe; abanye bahlushwa, kabavuma ukukhululwa; ukuze bathole ukuvuka okungcono kakhulu; Abanye balingwa ngokuhlekwa ngonya nangokubhaxabulwa, yebo, nangezibopho nokuboshwa; bakhandwa ngamatshe, banqunyulwa phakathi, balingwa, babulawa ngenkemba, bazulazula bembethe izikhumba zezimvu nezikhumba zezimbuzi; beswele, behlupheka, behlutshwa; (umhlaba wawungabafanele) bazulazula ezingwadule, nasezintabeni, nasemihumeni, nasemihumeni yomhlaba. Labo bonke laba, befakazelwe ngokholo, kabazemukelanga isithembiso; UNkulunkulu esesimisele okuthile okungcono kakhulu, ukuze bona bangapheleliswa ngaphandle kwethu.

KumaHeberu 11:1-40

KumaHeberu 11:1-40 ZUL59KumaHeberu 11:1-40 ZUL59KumaHeberu 11:1-40 ZUL59