UGenesise 35:22-26
UGenesise 35:22-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi u-Israyeli esehleli kulelo lizwe, uRubeni walala noBhiliha isancinza sikayise. Uyise u-Israyeli wezwa ngaleyo ndaba. UJakobe wayenamadodana ali-12. Amadodana kaLeya kwakunguRubeni, izibulo likaJakobe, kulandele uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare noZabuloni. Amadodana kaRaheli kwakunguJosefa noBhenjamini. Amadodana kaBhiliha incekukazi kaRaheli kwakunguDani noNafethali. Amadodana kaZilipha incekukazi kaLeya kunguGadi no-Asheri. Yilawo-ke amadodana kaJakobe awazala esePhadani Aramu.
UGenesise 35:22-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
U-Israyeli esehlezi kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wezwa. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili; Amadodana kaLeya: uRubeni izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni; Amadodana kaRaheli ngu UJosefa noBenjamini: Amadodana kaBiliha, incekukazi kaRaheli; UDani noNafetali: Amadodana kaZilipa, incekukazi kaLeya; ngoGadi no-Asheri; yilawo angamadodana kaJakobe azalelwa wona ePhadani Aramu.
UGenesise 35:22-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili. Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni. Amadodana kaRaheli ayengoJosefa noBenjamini. Amadodana kaBiliha incekukazi kaRaheli ayengoDani noNafetali. Amadodana kaZilipa incekukazi kaLeya ayengoGadi no-Asheri; lawo angamadodana kaJakobe awazalelwa ePhadani Aramu.