UGenesise 35

35
UJakobe eseBethele
1 UNkulunkulu wathi kuJakobe: “Suka ukhuphukele eBethele, uhlale khona, umenzele lapho uNkulunkulu i-altare, yena owabonakala kuwe mhla ubalekela u-Esawu umfowenu.”
2 Wayesethi uJakobe kwabendlu yakhe nakubo bonke ababe naye: “Lahlani izithixo zabezizwe eziphakathi kwenu, nizihlambulule nina, niziphendulele izingubo zenu, 3sisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu i-altare, yena owangiphendula ngosuku lokuhlupheka kwami, waba nami endleleni engangiyihamba.” 4Bamnika-ke uJakobe izithixo zonke zabezizwe ezazisezandleni zabo, namacici ayesezindlebeni zabo; uJakobe wakuthukusa phansi kwe-oki* elalingaseShekemi. 5Base bemuka; ukumesaba uNkulunkulu kwakuphezu kwemizi eyayikhona nxazonke; abawaxoshanga amadodana kaJakobe.
6UJakobe wafika eLuze elisezweni laseKhanani eliyiBethele, yena kanye nabantu bonke ababe naye. 7 Wakha khona i-altare, wayibiza indawo ngokuthi i-Eli Bethele, ngokuba uNkulunkulu wabonakala kuye khona mhla ebaleka ebusweni bomfowabo.
8 UDebora umzanyana kaRebeka wafa, wembelwa ngenzansi neBethele phansi kwe-oki;* igama lalo labizwa ngokuthi i-Alonibakuti.*
Ukuzalwa kukaBenjamini nokufa kukaRaheli
9UNkulunkulu wabuye wabonakala kuJakobe, lapho evela ePhadani Aramu, wambusisa.
10 UNkulunkulu wathi kuye:
“Igama lakho linguJakobe,
igama lakho alisayikuthiwa uJakobe;
igama lakho lizakuba ngu-Israyeli,”
wayeseqamba igama lakhe ngokuthi u-Israyeli.
11 UNkulunkulu wathi kuye:
“NginguNkulunkulu uSomandla;
mawuzale, wande;
isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe;
amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;
12 izwe engabapha lona o-Abrahama
no-Isaka,
ngiyakulinika wena;
nenzalo yakho emva kwakho ngiyakuyinika lona.”
13UNkulunkulu wenyuka esuka kuye endaweni lapho ebekhulume naye khona.
14UJakobe wayesemisa insika endaweni lapho abekhulume naye khona, insika yetshe; wathela phezu kwayo umnikelo wokuphuzwa, wathela namafutha phezu kwayo. 15UJakobe wayiqamba indawo lapho uNkulunkulu akhuluma naye khona ngokuthi iBethele.
16Base besuka eBethele; kwakuse yibangana ukuya e-Efrati; uRaheli wayesebeletha, wabeletha enemihelo enzima. 17Kwathi esenemihelo enzima, umbelethisi wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba uzakuba nenye indodana futhi.” 18Usuzakuphuma umphefumulo wakhe, ngokuba wafa, waqamba igama lakhe ngokuthi uBenoni; kepha uyise wamqamba ngokuthi uBenjamini.
19 Wafa uRaheli, wembelwa ngasendleleni eya e-Efrati eliyiBetlehema. 20UJakobe wamisa insika ethuneni lakhe, eyinsika yethuna likaRaheli kuze kube namuhla.
21U-Israyeli wasuka, wamisa itende lakhe ngaphambi kombhoshongo wase-Edere. 22 Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho.
Amadodana kaJakobe nokufa kuka-Isaka
Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.
23Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni. 24Amadodana kaRaheli ayengoJosefa noBenjamini. 25Amadodana kaBiliha incekukazi kaRaheli ayengoDani noNafetali. 26Amadodana kaZilipa incekukazi kaLeya ayengoGadi no-Asheri; lawo angamadodana kaJakobe awazalelwa ePhadani Aramu.
27UJakobe wafika ku-Isaka uyise eMamre ngaseKiriyati Araba, okuyiHebroni, lapho o-Abrahama no-Isaka kade bebegogobele khona. 28Izinsuku zika-Isaka zaziyiminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili. 29 U-Isaka wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe, emdala esanelisiwe yizinsuku. O-Esawu noJakobe amadodana akhe bammbela.

Okuqokiwe okwamanje:

UGenesise 35: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo