UGenesise 35:11-12
UGenesise 35:11-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla. Zala wande, ube yisizwe esikhulu. Kuwe kuyovela izizwe eziningi. Nasokhalo lwakho kuyovela amakhosi. Nezwe engalabela u-Abhrahama no-Isaka nawe ngikwabela lona nezizukulwane zakho.”
UGenesise 35:11-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; mawuzale, wande; isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe; amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho; izwe engabapha lona o-Abrahama no-Isaka, ngiyakulinika wena; nenzalo yakho emva kwakho ngiyakuyinika lona.”
UGenesise 35:11-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu, uMninimandla onke; zalani nande; isizwe nesizwe sezizwe kuyakuvela kuwe, namakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho; Izwe engalinika u-Abrahama no-Isaka ngiyakulinika wena, nenzalo yakho emva kwakho ngiyakulinika izwe.