UGenesise 35:1-15

UGenesise 35:1-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UNkulunkulu wathi kuJakobe: “Suka ukhuphukele eBethele, uhlale khona, umenzele lapho uNkulunkulu i-altare, yena owabonakala kuwe mhla ubalekela u-Esawu umfowenu.” Wayesethi uJakobe kwabendlu yakhe nakubo bonke ababe naye: “Lahlani izithixo zabezizwe eziphakathi kwenu, nizihlambulule nina, niziphendulele izingubo zenu, sisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu i-altare, yena owangiphendula ngosuku lokuhlupheka kwami, waba nami endleleni engangiyihamba.” Bamnika-ke uJakobe izithixo zonke zabezizwe ezazisezandleni zabo, namacici ayesezindlebeni zabo; uJakobe wakuthukusa phansi kwe-oki* elalingaseShekemi. Base bemuka; ukumesaba uNkulunkulu kwakuphezu kwemizi eyayikhona nxazonke; abawaxoshanga amadodana kaJakobe. UJakobe wafika eLuze elisezweni laseKhanani eliyiBethele, yena kanye nabantu bonke ababe naye. Wakha khona i-altare, wayibiza indawo ngokuthi i-Eli Bethele, ngokuba uNkulunkulu wabonakala kuye khona mhla ebaleka ebusweni bomfowabo. UDebora umzanyana kaRebeka wafa, wembelwa ngenzansi neBethele phansi kwe-oki;* igama lalo labizwa ngokuthi i-Alonibakuti.* UNkulunkulu wabuye wabonakala kuJakobe, lapho evela ePhadani Aramu, wambusisa. UNkulunkulu wathi kuye: “Igama lakho linguJakobe, igama lakho alisayikuthiwa uJakobe; igama lakho lizakuba ngu-Israyeli,” wayeseqamba igama lakhe ngokuthi u-Israyeli. UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; mawuzale, wande; isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe; amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho; izwe engabapha lona o-Abrahama no-Isaka, ngiyakulinika wena; nenzalo yakho emva kwakho ngiyakuyinika lona.” UNkulunkulu wenyuka esuka kuye endaweni lapho ebekhulume naye khona. UJakobe wayesemisa insika endaweni lapho abekhulume naye khona, insika yetshe; wathela phezu kwayo umnikelo wokuphuzwa, wathela namafutha phezu kwayo. UJakobe wayiqamba indawo lapho uNkulunkulu akhuluma naye khona ngokuthi iBethele.

UGenesise 35:1-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UNkulunkulu wathi kuJakobe: “Suka ukhuphukele eBhethele, uhlale lapho. Yakha i-althare lapho, ulakhele uNkulunkulu ozibonakalise kuwe ngesikhathi ubalekela umnewenu u-Esawu.” UJakobe wathi emndenini wakhe nakubo bonke ayenabo: “Lahlani bonke onkulunkulu bezizwe eninabo, nizihlambulule, bese nigqoka izingubo ezihlanzekileyo. Sizosuka lapha silibangise eBhethele, lapho ngizofike ngakhe khona i-althare likaNkulunkulu, okunguYena owangikhulula enhluphekweni engangibishe kuyo, waba nami yonke indawo lapho bengihamba khona.” Baletha kuJakobe bonke onkulunkulu bezizwe ababenabo, namacici ayesezindlebeni zabo. Wakuthatha wakugqiba phansi kwesihlahla somu-okhi esasiseduze neShekhemu. Baphuma bahamba, kodwa abantu bezigodi ezazibazungezile, uNkulunkulu wabafaka ingebhe abaze bawaxosha amadodana kaJakobe. UJakobe wafinyelela eLuzi, eKhanani, okuyiBhethele, nabo bonke ayehamba nabo. Wakha lapho i-althare, leyo ndawo wayibiza ngokuthi yi-Eli Bhethele, ngokuba kulapho uNkulunkulu azibonakalisa kuye khona mhla ebalekela umnewabo. UDebhora, umzanyana kaRibheka wafa, wangcwatshwa phansi kwesihlahla somu-okhi ezansi neBhethele. Ngakho-ke sabizwa ngokuthi yi-Aloni Bhakhuthi. UNkulunkulu wabonakala futhi kuJakobe ngesikhathi ebuya ePhadani Aramu, wambusisa, wathi: “Igama lakho unguJakobe, kodwa awusezukubizwa ngoJakobe, usuzobizwa ngo-Israyeli.” Ngakho-ke wabizwa ngo-Israyeli. UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla. Zala wande, ube yisizwe esikhulu. Kuwe kuyovela izizwe eziningi. Nasokhalo lwakho kuyovela amakhosi. Nezwe engalabela u-Abhrahama no-Isaka nawe ngikwabela lona nezizukulwane zakho.” UNkulunkulu wenyuka, wamshiya uJakobe lapho ayekade ekhulume naye khona. UJakobe wayesemisa insika lapho uNkulunkulu ayekhulume naye khona, insika yetshe, wathela amafutha kuyo, wathela nomnikelo wokuphuzwayo. Wayibiza leyo ndawo uNkulunkulu ayekhulume naye kuyo wathi yiBhethele.

UGenesise 35:1-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UNkulunkulu wasesithi kuJakobe: Suka uye eBhetheli, uhlale khona, wakhe khona ialithare uNkulunkulu owabonakala kuwe ekubalekeleni umfowenu uEsawu. UJakobe wayesethi endlini yakhe nakubo bonke ababe naye: “Susani onkulunkulu bezizweni abaphakathi kwenu, nizihlambulule, niguqule izingubo zenu.” Masisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu i-altare owangiphendula osukwini lokuhlupheka kwami, waba nami endleleni engahamba ngayo. Bamnika uJakobe zonke izithixo zabezizwe ezazisesandleni sabo, namacici ayesezindlebeni zabo; uJakobe wakuthukusa phansi kwesihlahla somtholo esasiseShekemi. Basuka, ukwesaba uNkulunkulu kwaba phezu kwemizi eyayibazungezile, kabawasukelanga amadodana kaJakobe. UJakobe wafika eLuze esezweni laseKhanani eliyiBethele, yena nabantu bonke ababe naye. Wakha khona i-altare, wayiqamba indawo ngokuthi i-Elibeti-Eli, ngokuba uNkulunkulu wabonakala kuye lapho ebalekela umfowabo. Kepha uDebora umzanyana kaRebeka wafa, wembelwa phansi kweBethele phansi kwe-oki, igama lalo labizwa ngokuthi i-Alonibhakuti. UNkulunkulu waphinda wabonakala kuJakobe ekuphumeni kwakhe ePhadani Aramu, wambusisa. UNkulunkulu wasesithi kuye: Ibizo lakho nguJakobe; igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha igama lakho liyakuba ngu-Israyeli; waqamba igama layo ngokuthi u-Israyeli. UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu, uMninimandla onke; zalani nande; isizwe nesizwe sezizwe kuyakuvela kuwe, namakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho; Izwe engalinika u-Abrahama no-Isaka ngiyakulinika wena, nenzalo yakho emva kwakho ngiyakulinika izwe. UNkulunkulu wenyuka esuka kuye waya endaweni lapho ayekhulume naye khona. UJakobe wamisa itshe lesikhumbuzo endaweni lapho akhulume naye khona, itshe lesikhumbuzo itshe; wathela phezu kwayo umnikelo wokuphuzwa, wathela amafutha phezu kwayo. UJakobe wayiqamba indawo lapho uNkulunkulu ayekhulume khona naye ngokuthi iBethele.