KwabaseGalathiya 2:20-21
KwabaseGalathiya 2:20-21 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngibethelwe kanye noKristu, nokho ngiyaphila; nokho akumina, kodwa uKristu uphila kimi, nokuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami. Angiwujabhi umusa kaNkulunkulu; ngokuba uma ukulunga kuvela ngomthetho, khona uKristu wafela ize.
KwabaseGalathiya 2:20-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiyaphila, kodwa akuseyimi ophilayo, kepha uKhristu ophila kimi, ngakho-ke ukuphila engikuphilayo manje enyameni, ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithanda, yazinikela ngenxa yami. Angiwushayi indiva umusa kaNkulunkulu, ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, lokho kusho ukuthi uKhristu wafela ize.”
KwabaseGalathiya 2:20-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami. Angiwenzi ize umusa kaNkulunkulu, ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, khona uKristu wafela ize.”
KwabaseGalathiya 2:20-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)