KwabaseGalathiya 1:6-10
KwabaseGalathiya 1:6-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiyamangala ukuthi senimhlubuke ngokushesha okungaka owanibiza ngomusa kaKhristu, nina-ke seniya kwelinye ivangeli. Kungeyikho ukuthi ngelinye nje, kodwa kukhona abanididayo, beqonde ukuhlanekezela ivangeli likaKhristu. Kepha noma ngabe yithi noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli ngaphandle kwalelo esanishumayeza lona, lowo makaqalekiswe. Njengalokho sasho phambilini, sisasho namanje ukuthi uma kukhona onishumayeza ivangeli ngaphandle kwalelo enalemukelayo, lowo makaqalekiswe. Ngabe manje ngizama ukuzincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Ngabe ngizama ukuthokozisa abantu na? Uma ngisazama ukuthokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKhristu.
KwabaseGalathiya 1:6-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngiyamangala ngokuthi nihlubuke masinya kangaka kulowo owanibizela emuseni kaKristu, niye kwelinye ivangeli; Okungesikho okunye; kepha bakhona abanihluphayo, befuna ukuphendukezela ivangeli likaKristu. Kepha noma yithina noma ingelosi evela ezulwini inishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe ngoqalekisiweyo. Njengoba sesishilo ngaphambili, ngiyaphinda futhi manje: Uma umuntu enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo enalamukelayo, makabe ngoqalekisiweyo. Ngokuba manje ngiyabancenga abantu noma uNkulunkulu na? noma ngifuna ukujabulisa abantu na? ngoba uma ngisathokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKristu.
KwabaseGalathiya 1:6-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyamangala ngokuba nimhlubuka masinya kangaka yena owanibizela emuseni kaKristu, niye kwelinye ivangeli, elingesilo elinye, kuphela ukuba bakhona abanididayo, bethanda ukuphendukezela ivangeli likaKristu. Kepha-ke noma kungaba yithina noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe ngoqalekisiweyo. Njengalokho sesishilo, ngisaphinda nakalokhu, ngithi: Uma umuntu enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo enalamukelayo, makabe ngoqalekisiweyo. Ngokuba manje ngizincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Kukho, ngifuna ukuzikholekisa kubantu yini? Uma bengisazikholekisa kubantu, kungaba angisiyo inceku kaKristu.
KwabaseGalathiya 1:6-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)