U-Eksodusi 35:4-29
U-Eksodusi 35:4-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UMose wathi kuyo yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli: “Yilokhu uSimakade ayale ngakho, ethi: thathani phakathi kwenu umnikelo ube ngokaSimakade, bonke abanenhliziyo ethandayo mabanikele kuSimakade: ngegolide, ngesiliva, ngethusi; ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, ngelineni elicolekileyo, ngoboya bezimbuzi; ngezikhumba zezinqama ezidaywe zabomvu, ngezikhumba zamahlengethwa, ngokhuni lomkhambathi, ngamafutha okukhanyisa izibani, ngezinongo zamafutha okugcoba nezempepho, nangamatshe ama-oniksi namanye aligugu ukuze afakwe engutsheni yamahlombe nasesivikelweni sesifuba. “Bonke abanekhono phakathi kwenu bayokuza bezokwenza konke uSimakade ayale ukuba kwenziwe: ithabanakeli, ithende lalo, nokokulifulela, izinkintsho zalo, amapulangwe alo, amabhaluko alo, izinsika zalo nezisekelo zalo; umphongolo nezingongolo zawo, isihlalo somusa, namakhethini okuhenqa; itafula nezinti zalo, nazo zonke izitsha zalo, nesinkwa soBukhona bakhe; uthi lwesibani sokukhanyisa, izitsha zalo, izibani zalo, amafutha okukhanyisa, i-althare lempepho nezingongolo zalo, amafutha okugcoba, impepho enuka kamnandi, isihenqo somnyango wokungena ethabanakeli; i-althare lomnikelo wokushiswa, ithusi elinanyatheliselwe kulo nezingongolo zalo, nazo zonke izitsha zalo, nomcengezi nesinqe sawo, amakhethini egceke, izinsika zalo, izisekelo zalo, ikhethini lasesangweni legceke, izikhonkwane zethabanakeli, ezegceke, izintambo zazo, izingubo ezifekethisiweyo zokukhonza endaweni engcwele, izingubo ezingcwele zika-Aroni umphristi, nezamadodana akhe zokukhonza bengabaphristi.” Inhlangano yonke yabantu bakwa-Israyeli yayisisuka phambi kukaMose. Bafika bonke labo ababenezinhliziyo ezithintekileyo, benentshisekelo emoyeni wabo. Baletha kuSimakade umnikelo owawuzosetshenziswa ethendeni lokuhlangana, nakuyo yonke eminye imisebenzi yalo, nokuthunga izingubo ezingcwele. Beza abesilisa nabesifazane, bonke ababenezinhliziyo ezazinentshisekelo, baletha amacici, nalawo asemakhaleni, izindandatho, amasongo, nazo zonke izinto zegolide, bonke banikela kuSimakade ngomnikelo wegolide. Bonke okwatholakala kubo okuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, okubomvu, ilineni elicolekileyo, uboya bezimbuzi, izikhumba zezinqama ezidaywe zabomvu, nezikhumba zamahlengethwa, lokho bakuletha. Bonke abanikela ngomnikelo wesiliva nowethusi bakuletha kwaba ngumnikelo kuSimakade, nabo bonke okwafunyanwa kubo izingodo zokhuni lomkhambathi ezazingenza lowo msebenzi, baziletha. Bonke abesifazane ababenekhono, baphotha ngezandla zabo, base beletha lokho ababekuphothile okuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, okubomvu, nelineni elicolekileyo. Bonke abesifazane ababethintekile ezinhliziyweni, baphotha uboya bezimbuzi. Abaholi baletha amatshe e-oniksi, amatshe engubo yamahlombe aligugu, awesivikelo sesifuba, amakha, amafutha okukhanyisa nawokugcoba, nempepho enamakha amnandi. Bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, baletha ngokukhululeka noma yini ukuze kwenzeke umsebenzi uSimakade ayemyalile uMose ukuba wenziwe, bakuletha kuSimakade njengomnikelo wesihle.
U-Eksodusi 35:4-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UMose wakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Yile nto ayale ngayo uJehova, ethi: Thabathani phakathi kwenu umnikelo ube ngokaJehova; bonke abanenhliziyo ethandayo mabawulethe, ube ngumnikelo kaJehova: igolide, nesiliva, nethusi, nokuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi, nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi,* nomuthi womtholo, namafutha okukhanyisa, namakha amafutha okugcoba nawempepho ethaphukayo, namatshe amashohamu,* namatshe okufakwa, abe ngawengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba. “Bonke abahlakaniphile ngenhliziyo mabeze, bakwenze konke uJehova akuyalileyo: itabernakele,* netende lalo, nesifulelo salo, nezinkibaniso zalo, namapulangwe alo, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo; umphongolo nezinti zawo, nesihlalo somusa, nesihenqo seveli; itafula nezinti zalo nezitsha zonke zalo, nezinkwa zokubukwa; nothi lwezibani lokukhanyisa, nezitsha zalo nezibani zalo, namafutha okukhanyisa; ne-altare lempepho nezinti zalo, namafutha okugcoba, nempepho ethaphukayo, neveli lomnyango ngasemnyango wetabernakele; i-altare lomnikelo wokushiswa nehele lalo lethusi, nezinti zalo, nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, nezilenge zegceke, nezinsika zalo, nezinyawo zazo, neveli lesango legceke, nezikhonkwane zetabernakele, nezikhonkwane zegceke, nezintambo zazo, nezambatho ezifekethisiweyo zokukhonza endaweni engcwele, nezambatho ezingcwele zika-Aroni umpristi, nezambatho zamadodana akhe zokukhonza esikhundleni sobupristi.” Yayisisuka yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ebusweni bukaMose. Bafika, kwaba yilowo nalowo owavuswa yinhliziyo yakhe nowaqhutshwa ngumoya wakhe, baletha umnikelo kaJehova ube ngowomsebenzi wetende lokuhlangana, nowenkonzo yonke yalo, nowezambatho ezingcwele. Beza abesilisa nabesifazane, bonke abaqhutshwa yizinhliziyo zabo, baletha iziqhobosho namacici nezindandatho namasongo, izinto zonke zegolide, bonke ababenokunikela ngomnikelo wegolide kuJehova. Bonke okwafunyanwa kubo okuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi, nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi,* bakuletha. Bonke abanikela ngomnikelo wesiliva nowethusi baletha umnikelo kuJehova, nabo bonke okwafunyanwa kubo umuthi womtholo womsebenzi wenkonzo bawuletha. Bonke abesifazane abahlakaniphile ngenhliziyo baphotha ngezandla zabo, baletha okuphothiweyo, okuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo. Bonke abesifazane abavuselwa yizinhliziyo zabo ukuhlakanipha baphotha uboya bezimbuzi. Izinduna zaletha amatshe amashohamu* namatshe okufakwa, awengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba, namakha, namafutha okukhanyisa nawokugcoba nawempepho ethaphukayo. Abantwana bakwa-Israyeli bawuletha umnikelo wesihle kuJehova, bonke abesilisa nabesifazane, abanhliziyo yabo ibavusele ukulethela yonke imisebenzi ayale ngayo uJehova ukuba yenziwe ngesandla sikaMose.
U-Eksodusi 35:4-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UMose wakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Nanti izwi uJehova ayala ngalo ngokuthi: Thathani phakathi kwenu umnikelo kaJehova; igolide nesiliva nethusi, nokububende, nokububende, nokubomvu, nelineni elicolekileyo kakhulu, noboya bembuzi; nezikhumba zezimvu ezidaywe zibomvu, nezikhumba zamatahasi, nokhuni lomtholo; namafutha oluthi lwezibani, namakha amafutha okugcoba nawomakha, namatshe eshohamu namatshe okufakwa e-efodi nakwesihlangu sesifuba. Futhi zonke izinhliziyo ezihlakaniphile phakathi kwenu ziyakuza, zenze konke uJehova ekuyalile; itabernakele, netende lalo, nesifulelo salo, nezisekelo zalo, nezinsika zalo, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo, umphongolo nezinti zawo, nesihlalo somusa nesihenqo sesembozo; itafula nezisekelo zalo, nezitsha zalo zonke, nezinkwa zokubukwa; nothi lwesibani, nempahla yalo, nezibani zalo, namafutha othi lwesibani; ne-altare lempepho, nezinti zalo, namafutha okugcoba, nempepho, nezilenge zomnyango ngasemnyango wetabernakele; i-altare lomnikelo wokushiswa nehele lalo lethusi, nezinti zalo, nezitsha zalo, nomcengezi, nothi lwawo, Izilenge zegceke, izinsika zalo, nezinyawo zazo, nezilenge zomnyango wegceke; izikhonkwane zetabernakele nezikhonkwane zegceke nezintambo zazo; Izingubo zokukhonza endlini engcwele, izingubo ezingcwele zika-Aroni umpristi, nezingubo zamadodana akhe zokukhonza esikhundleni sobupristi. Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yasuka kuMose. Base beza, wonke onhliziyo yakhe eyamvusayo, labo bonke abamoya wabo ovumayo, baletha umhlatshelo weNkosi ngomsebenzi wethente lenhlangano, lenkonzo yonke yalo, lezembatho ezingcwele. Beza, abesilisa nabesifazane, bonke abavumayo, baletha amasongo, namacici, namasongo, namatafula, zonke izinto zegolide; nawo wonke umuntu owaletha umnikelo wegolide kuJehova. Bonke abantu abatholakala kubo izindwangu ezibubende, eziyibubende, ezibomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bembuzi, nezikhumba zezimvu ezibomvu, nezikhumba zamatahasi, baziletha. Bonke abaletha umnikelo wesiliva nowethusi baletha umnikelo kaJehova; bonke okwafunyanwa kubo ukhuni lomtholo lwemisebenzi yonke yenkonzo baluletha. Bonke abesifazane abahlakaniphile ngenhliziyo baphotha ngezandla zabo, baletha okuphothiweyo, okuyindwangu eyibubende nokubomvu nokubomvu, nelineni elicolekileyo kakhulu. Bonke abesifazane abanhliziyo yabo yabavusa ngokuhlakanipha baphotha izimbuzi. Izikhulu zaletha amatshe eshohamu namatshe okuhlala phezu kwawo, awendwangu yasemahlombe nawesihlangu sesifuba; namakha namafutha uthi lwezibani namafutha okugcoba nawempepho. Abantwana bakwa-Israyeli baletha umnikelo wesihle kuJehova, bonke abesilisa nabesifazane abanhliziyo yabo yabavumela ukuba balethe yonke imisebenzi eyayaleza uJehova ngesandla sikaMose ukuba yenziwe.