UMose wathi kuyo yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli: “Yilokhu uSimakade ayale ngakho, ethi: thathani phakathi kwenu umnikelo ube ngokaSimakade, bonke abanenhliziyo ethandayo mabanikele kuSimakade: ngegolide, ngesiliva, ngethusi; ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, ngelineni elicolekileyo, ngoboya bezimbuzi; ngezikhumba zezinqama ezidaywe zabomvu, ngezikhumba zamahlengethwa, ngokhuni lomkhambathi, ngamafutha okukhanyisa izibani, ngezinongo zamafutha okugcoba nezempepho, nangamatshe ama-oniksi namanye aligugu ukuze afakwe engutsheni yamahlombe nasesivikelweni sesifuba.
“Bonke abanekhono phakathi kwenu bayokuza bezokwenza konke uSimakade ayale ukuba kwenziwe: ithabanakeli, ithende lalo, nokokulifulela, izinkintsho zalo, amapulangwe alo, amabhaluko alo, izinsika zalo nezisekelo zalo; umphongolo nezingongolo zawo, isihlalo somusa, namakhethini okuhenqa; itafula nezinti zalo, nazo zonke izitsha zalo, nesinkwa soBukhona bakhe; uthi lwesibani sokukhanyisa, izitsha zalo, izibani zalo, amafutha okukhanyisa, i-althare lempepho nezingongolo zalo, amafutha okugcoba, impepho enuka kamnandi, isihenqo somnyango wokungena ethabanakeli; i-althare lomnikelo wokushiswa, ithusi elinanyatheliselwe kulo nezingongolo zalo, nazo zonke izitsha zalo, nomcengezi nesinqe sawo, amakhethini egceke, izinsika zalo, izisekelo zalo, ikhethini lasesangweni legceke, izikhonkwane zethabanakeli, ezegceke, izintambo zazo, izingubo ezifekethisiweyo zokukhonza endaweni engcwele, izingubo ezingcwele zika-Aroni umphristi, nezamadodana akhe zokukhonza bengabaphristi.”
Inhlangano yonke yabantu bakwa-Israyeli yayisisuka phambi kukaMose. Bafika bonke labo ababenezinhliziyo ezithintekileyo, benentshisekelo emoyeni wabo. Baletha kuSimakade umnikelo owawuzosetshenziswa ethendeni lokuhlangana, nakuyo yonke eminye imisebenzi yalo, nokuthunga izingubo ezingcwele. Beza abesilisa nabesifazane, bonke ababenezinhliziyo ezazinentshisekelo, baletha amacici, nalawo asemakhaleni, izindandatho, amasongo, nazo zonke izinto zegolide, bonke banikela kuSimakade ngomnikelo wegolide. Bonke okwatholakala kubo okuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, okubomvu, ilineni elicolekileyo, uboya bezimbuzi, izikhumba zezinqama ezidaywe zabomvu, nezikhumba zamahlengethwa, lokho bakuletha. Bonke abanikela ngomnikelo wesiliva nowethusi bakuletha kwaba ngumnikelo kuSimakade, nabo bonke okwafunyanwa kubo izingodo zokhuni lomkhambathi ezazingenza lowo msebenzi, baziletha. Bonke abesifazane ababenekhono, baphotha ngezandla zabo, base beletha lokho ababekuphothile okuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, okubomvu, nelineni elicolekileyo. Bonke abesifazane ababethintekile ezinhliziyweni, baphotha uboya bezimbuzi. Abaholi baletha amatshe e-oniksi, amatshe engubo yamahlombe aligugu, awesivikelo sesifuba, amakha, amafutha okukhanyisa nawokugcoba, nempepho enamakha amnandi. Bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, baletha ngokukhululeka noma yini ukuze kwenzeke umsebenzi uSimakade ayemyalile uMose ukuba wenziwe, bakuletha kuSimakade njengomnikelo wesihle.