U-Eksodusi 33:8-11
U-Eksodusi 33:8-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Noma nini lapho uMose eya ethendeni, bonke abantu babesukuma, kube yilowo nalowo ame ngasemnyango wethende lakhe, bambuke uMose aze ayongena ethendeni. Lapho uMose engena ethendeni, kwakwehla insika yefu ime emnyango wethende, bese uSimakade ekhuluma noMose. Lapho bonke abantu bebona insika yefu imi ngasemnyango wethende, bonke babesukuma, bakhothame, yilowo nalowo ngasemnyango wethende lakhe. USimakade wakhuluma kanjalo noMose ubuso nobuso, njengomuntu ezikhulumela nomngani wakhe. Wabuyela enkanjini, kodwa inceku yakhe, insizwa enguJoshuwa indodana kaNuni, ayiphumanga ethendeni.
U-Eksodusi 33:8-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi uMose ephuma eya etendeni, bonke abantu basukuma bema, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe, bambuka uMose waze wangena etendeni. Kwathi uMose engena etendeni, insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetende; uJehova wakhuluma noMose. Bonke abantu bayibona insika yefu imi ngasemnyango wetende; bonke abantu basukuma, bakhuleka, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe. UJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso, njengalokhu umuntu ekhuluma nomhlobo wakhe. Wabuyela ekamu,* kepha inceku yakhe uJoshuwa indodana kaNuni, insizwa, ayiphumanga etendeni.
U-Eksodusi 33:8-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lapho uMose ephuma eya etabernakele, bonke abantu basukuma, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe babheka uMose waze wangena etabernakele. Kwathi uMose engena etendeni, insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetabernakele; uJehova wakhuluma kuMose. Bonke abantu bayibona insika yefu imi ngasemnyango wetabernakele; bonke abantu basukuma, bakhuleka, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe. UJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso, njengalokho umuntu ekhuluma nomngane wakhe. Wabuyela ekamu, kepha inceku yakhe uJoshuwa indodana kaNuni, insizwa, akasukanga etendeni.