UEksodusi 33:8-11

UEksodusi 33:8-11 CZB24

Lapho uMose ephuma eya etabernakele, bonke abantu basukuma, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe babheka uMose waze wangena etabernakele. Kwathi uMose engena etendeni, insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetabernakele; uJehova wakhuluma kuMose. Bonke abantu bayibona insika yefu imi ngasemnyango wetabernakele; bonke abantu basukuma, bakhuleka, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe. UJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso, njengalokho umuntu ekhuluma nomngane wakhe. Wabuyela ekamu, kepha inceku yakhe uJoshuwa indodana kaNuni, insizwa, akasukanga etendeni.