U-Eksodusi 10:13-14
U-Eksodusi 10:13-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UMose welula induku yakhe phezu kweGibhithe; uSimakade wayesethumela umoya wasempumalanga ezweni imini nobusuku, ekuseni umoya wasempumalanga waletha isikhonyane. Isikhonyane salihlasela lonke iGibhithe, sagcwala kulo lonke iGibhithe, sasinzima kakhulu. Sasingakaze sibonwe isikhonyane esinjengalesi ngaphambilini, futhi asikho esiyofana naso nasemveni kwalokhu.
U-Eksodusi 10:13-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UMose wayeselula induku yakhe phezu kwezwe laseGibithe; uJehova waletha umoya wasempumalanga ezweni ngalo lonke lolo suku nobusuku bonke; sekusile umoya wasempumalanga waletha isikhonyane. Isikhonyane senyukela ezweni lonke laseGibithe, sahlala ezweni lonke laseGibithe, sasinzima kakhulu; ngaphambi kwaso kwakungazange kube khona isikhonyane esingangaso, nangasemva kwaso asisayikuba khona esingangaso.
U-Eksodusi 10:13-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UMose wayeselula intonga yakhe phezu kwezwe laseGibithe, uJehova waletha umoya wasempumalanga phezu kwezwe lolo suku lonke lobo busuku; kwathi sekusile, umoya wasempumalanga waletha isikhonyane. Isikhonyane senyukela ezweni lonke laseGibithe, sahlala ezifundeni zonke zaseGibithe; zazisinda kakhulu; ngaphambi kwazo akuzange kube khona isikhonyane esinjengaso, futhi ngeke kube khona ngemva kwaso.