I-Eksodusi 10

10
Inhlupheko Yesishiyagalombili: Isikhonyane
1 USimakade wayesethi kuMose: “Hamba uye kuFaro, ngokuba ngiyenze yaba lukhuni inhliziyo yakhe neyezinceku zakhe, ukuze ngikhombise lezo zibonakaliso zami kubo. 2 Lokhu uyoze ukuxoxele indodana yakho nabazukulu bakho ukuthi ngaliphatha ngesihluku esinjani iGibhithe, nokuthi zibonakaliso zini engazenza kulo ukuze nazi ukuthi nginguSimakade.”
3 UMose no-Aroni baya kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu wamaHebheru uthi: ‘Kuyoze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Vumela abantu bami ukuba bahambe, ukuze bayongikhonza. 4Uma wenqaba ukuvumela abantu bami ukuba bahambe, kusasa ngizothumela isikhonyane ezweni lakho. 5Sizokwemboza izwe kungabi bikho muntu okwazi ukubona umhlabathi. Sizokudla lokho okusale esichothweni, sibhuqe yonke imithi esahlumayo emasimini. 6Sizogcwala ezindlini zakho, ezindlini zezinceku zakho, nasezindlini zabo bonke abaseGibhithe, into engakaze ibonwe ngokhokho benu, ngisho nokhokho bokhokho benu, kusukela ngosuku abafika ngalo emhlabeni kuze kube yilolu lusuku lwanamuhla.’ ”
Wayesephenduka, waphuma phambi kukaFaro.
7 Izinceku zikaFaro zathi kuye: “Kuyoze kube nini lo mfokazi ewugibe kithi na? Bavumele abantu ukuba bahambe, ukuze bayokhonza uSimakade uNkulunkulu wabo; awuboni yini ukuthi iGibhithe liyabhubha na?”
8 Base bebuyisa kuFaro oMose no-Aroni, wayesethi kubo: “Hambani niyokhonza uSimakade uNkulunkulu wenu. Ngobani abazohamba na?”
9 UMose wathi: “Sizohamba nezinsizwa, abadala, amadodana, amadodakazi ethu, izimvu, izimbuzi, izinkomo, nemihlambi yethu, ngokuba sizogubha umkhosi kaSimakade ngakho konke esinakho.”
10Wayesethi kubo: “USimakade makabe nani-ke, njengokuba ngizakunivumela ukuba nihambe nezingane zenu: sekuyacaca ukuthi kukhona okubi enikuhlosile. 11 Phinde neze! Hambani nina madoda niyokhonza uSimakade, ngokuba yilokho enikucelileyo.”
Base bexoshwa phambi kukaFaro.
12USimakade wathi kuMose: “Yelula isandla sakho phezu kweGibhithe, ukuze kuphume isikhonyane phezu kwalo lonke iGibhithe, sidle konke okumilileyo ezweni, konke lokho okusale esichothweni.”
13 UMose welula induku yakhe phezu kweGibhithe; uSimakade wayesethumela umoya wasempumalanga ezweni imini nobusuku, ekuseni umoya wasempumalanga waletha isikhonyane. 14 Isikhonyane salihlasela lonke iGibhithe, sagcwala kulo lonke iGibhithe, sasinzima kakhulu. Sasingakaze sibonwe isikhonyane esinjengalesi ngaphambilini, futhi asikho esiyofana naso nasemveni kwalokhu. 15 Salemboza lonke iGibhithe kwangabonakala ngisho namhlabathi, kwaba mnyama kulo lonke izwe. Sashaya sabhuqa konke okumilileyo ezweni, nazo zonke izithelo ezazishiywe yisichotho ezihlahleni, kwangasala lutho oluluhlaza ezihlahleni, nakokumilileyo emasimini kulona lonke iGibhithe. 16 UFaro waphuthuma wabiza uMose no-Aroni, wathi kubo: “Ngonile kuSimakade uNkulunkulu wenu nakini. 17 Ngithetheleleni isono sami ngalesi sikhathi nje esisodwa, ningikhulekele kuSimakade uNkulunkulu wenu ukuze asuse lokhu kufa phezu kwami.”
18Waphuma phambi kukaFaro, wakhuleka kuSimakade. 19USimakade wayesewuguqula umoya waba ngumoya onamandla wasentshonalanga, waphephula isikhonyane wasithela oLwandle Lomhlanga, kwangasala nayinye intethe eGibhithe. 20 Kepha uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akabavumelanga abantu bakwa-Israyeli ukuba bahambe.
Inhlupheko Yesishiyagalolunye: Ubumnyama
21USimakade wathi kuMose: “Yelulela isandla sakho ngasezulwini ukuze kube mnyama eGibhithe, ubumnyama obuphathekayo.”
22 UMose wayeselulela isandla sakhe ngasezulwini, kwase kuba khona isigayegaye sobumnyama izinsuku ezintathu kulo lonke iGibhithe. 23 Abantu babengakwazi ukubonana, akekho owakwazi ukusuka endaweni yakhe izinsuku ezintathu, kodwa kubo bonke abantu bakwa-Israyeli kwakunokukhanya lapho babehlala khona. 24 UFaro wabiza uMose, wathi kuye: “Hambani niyokhonza uSimakade, kusale kuphela izimvu, izimbuzi, nezinkomo zenu; hambani ngisho nabantwana benu imbala.”
25UMose wathi: “Uyakusinika yini imihlatshelo neminikelo yokushiswa esiyoyinikela kuSimakade uNkulunkulu wethu na? 26 Imfuyo yethu siyakuhamba nayo, akuyukusala ngisho nenselo eyodwa, ngokuba siyakuthatha kuyo ukuze sikhonze ngayo uSimakade uNkulunkulu wethu, futhi-ke ngeke sazi ukuthi siyomkhonza ngani uSimakade, singakafiki lapho.”
27 Kepha uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akavumanga ukubadedela ukuba bahambe. 28 UFaro wathi kuye: “Suka phambi kwami! Qikelela ukuba ungaphinde ubone ubuso bami, ngokuba ngosuku oyobubona ngalo ubuso bami, uyokufa.”
29 UMose wathi: “Njengalokhu ushilo, angiyukuphinde ngibubone ubuso bakho.”

Okuqokiwe okwamanje:

I-Eksodusi 10: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume