U-Eksodusi 10:13-14

U-Eksodusi 10:13-14 ZUL59

UMose wayeselula induku yakhe phezu kwezwe laseGibithe; uJehova waletha umoya wasempumalanga ezweni ngalo lonke lolo suku nobusuku bonke; sekusile umoya wasempumalanga waletha isikhonyane. Isikhonyane senyukela ezweni lonke laseGibithe, sahlala ezweni lonke laseGibithe, sasinzima kakhulu; ngaphambi kwaso kwakungazange kube khona isikhonyane esingangaso, nangasemva kwaso asisayikuba khona esingangaso.