Kwabase-Efesu 6:5-9
Kwabase-Efesu 6:5-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Zinceku, hloniphani abangamakhosi enu ngokwenyama, ngokwesaba, ngokuthuthumela nangobuqotho benhliziyo yenu, kube sengathi kukuKhristu. Ningathengi amehlo njengabathokozisa abantu; kodwa njengezinceku zikaKhristu, yenzani intando kaNkulunkulu ngenhliziyo. Khonzani ngenhliziyo ephelele kungathi nikhonza iNkosi, hhayi abantu, nazi ukuthi yilowo nalowo owenza okuhle uzakwemukela okunjalo eNkosini, noma ngabe uyinceku noma ungokhululekileyo. Nani makhosi, yenzani kanjalo ezincekwini, niyeke ukuzisongela, nazi ukuthi iNkosi yazo neyenu isezulwini, nokuthi kuyo akukho ukukhetha umuntu.
Kwabase-Efesu 6:5-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Zinceku, abangamakhosi enu ngokwenyama, balaleleni ngokwesaba nokuthuthumela ngobuqotho benhliziyo yenu kungathi kukuKristu, ningathengi amehlo njengabathokozisa abantu, kodwa njengezinceku zikaKristu nenze intando kaNkulunkulu ngenhliziyo, nikhonze ngothando kungathi kuseNkosini kungekubantu, nazi ukuthi konke okuhle yilowo nalowo akwenzayo, uzakukwamukela okunjalo eNkosini, noma eyinceku noma engokhululekileyo. Nani makhosi, yenzani okunjalo kuzo, niyeke ukusongela, nazi ukuthi neyazo neyenu iNkosi isezulwini nokuthi ukukhetha umuntu akukho kuye.
Kwabase-Efesu 6:5-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Nina zinceku, thobelani abaphathi benu ngokwenyama, ngokwesaba nangokuthuthumela, ngobuqotho bezinhliziyo zenu, njengakuKristu; kungabi ngokukhonza kwamehlo, njengabathokozisa abantu; kodwa njengezinceku zikaKristu, zenza intando kaNkulunkulu ngenhliziyo; lisebenza ngenhliziyo enhle, kungathi lisebenzela iNkosi, hatshi abantu; lisazi ukuthi konke okuhle umuntu akwenzayo, uyakwamukeliswa ngakho eNkosini, noma eyisigqila noma engokhululekileyo. Nani makhosi, yenzani okufanayo kubo, niyeke ukusongela, nazi ukuthi iNkosi yenu nayo isezulwini; futhi akukho ukukhetha ubuso kuye.
Kwabase-Efesu 6:5-9 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)