Kwabase-Efesu 5:8-14
Kwabase-Efesu 5:8-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba kade ningubumnyama, kodwa manje seningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya, ngokuba isithelo sokukhanya sisebuhleni bonke, ekulungeni naseqinisweni; nihlolisise ukuthi kuyini okuthandekayo eNkosini. Ningahlanganyeli emisebenzini yobumnyama engenazithelo, kodwa kunalokho niyidalule, ngokuba lokho okwenziwa esithe kuyihlazo ngisho nokukhuluma ngakho, kepha konke okubonakaliswa ngukukhanya kuyabonakala, ngokuba konke okubonakalayo kungukukhanya. Ngalokho kuthiwa: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKhristu uzakukukhanyisa.”
Kwabase-Efesu 5:8-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya, ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni, nihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini, ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule; ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho. Kepha konke okudalulwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngokuba konke okubonakaliswayo kungukukhanya. Ngalokho uthi: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.”
Kwabase-Efesu 5:8-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba nanikade nibubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya; (Ngokuba isithelo sikaMoya sikubo bonke ubuhle nokulunga neqiniso;) nihlola ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini. futhi ningabi nenhlanganyelo nemisebenzi yobumnyama engatheli, kodwa kunalokho niyisole. Ngoba izinto ezenziwa yibo ekusithekeni kulihlazo lokukhuluma. Kodwa konke okusolwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngoba konke okubonakaliswayo kungukukhanya. Ngakho uthi: Vuka wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.
Kwabase-Efesu 5:8-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba kade ningubumnyama, kodwa manje seningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya, ngokuba isithelo sokukhanya sisebuhleni bonke, ekulungeni naseqinisweni; nihlolisise ukuthi kuyini okuthandekayo eNkosini. Ningahlanganyeli emisebenzini yobumnyama engenazithelo, kodwa kunalokho niyidalule, ngokuba lokho okwenziwa esithe kuyihlazo ngisho nokukhuluma ngakho, kepha konke okubonakaliswa ngukukhanya kuyabonakala, ngokuba konke okubonakalayo kungukukhanya. Ngalokho kuthiwa: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKhristu uzakukukhanyisa.”
Kwabase-Efesu 5:8-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya, ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni, nihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini, ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule; ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho. Kepha konke okudalulwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngokuba konke okubonakaliswayo kungukukhanya. Ngalokho uthi: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.”
Kwabase-Efesu 5:8-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba nanikade nibubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya; (Ngokuba isithelo sikaMoya sikubo bonke ubuhle nokulunga neqiniso;) nihlola ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini. Futhi ningabi nenhlanganyelo nemisebenzi yobumnyama engatheli, kodwa kunalokho niyisole. Ngoba izinto ezenziwa yibo ekusithekeni kulihlazo lokukhuluma. Kodwa konke okusolwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngoba konke okubonakaliswayo kungukukhanya. Ngakho uthi: Vuka wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.