Kwabase-Efesu 5:6-14
Kwabase-Efesu 5:6-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Masingakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli. Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo. Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya, ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni, nihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini, ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule; ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho. Kepha konke okudalulwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngokuba konke okubonakaliswayo kungukukhanya. Ngalokho uthi
Kwabase-Efesu 5:6-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Makungabikho onikhohlisayo ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli. Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyeli nabo. Ngokuba nanikade nibubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya; (Ngokuba isithelo sikaMoya sikubo bonke ubuhle nokulunga neqiniso;) nihlola ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini. Futhi ningabi nenhlanganyelo nemisebenzi yobumnyama engatheli, kodwa kunalokho niyisole. Ngoba izinto ezenziwa yibo ekusithekeni kulihlazo lokukhuluma. Kodwa konke okusolwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngoba konke okubonakaliswayo kungukukhanya. Ngakho uthi: Vuka wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.
Kwabase-Efesu 5:6-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Makungabikho onikhohlisayo ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli. Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyeli nabo. Ngokuba nanikade nibubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya; (Ngokuba isithelo sikaMoya sikubo bonke ubuhle nokulunga neqiniso;) nihlola ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini. futhi ningabi nenhlanganyelo nemisebenzi yobumnyama engatheli, kodwa kunalokho niyisole. Ngoba izinto ezenziwa yibo ekusithekeni kulihlazo lokukhuluma. Kodwa konke okusolwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngoba konke okubonakaliswayo kungukukhanya. Ngakho uthi: Vuka wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.
Kwabase-Efesu 5:6-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Maningakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalokho ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli. Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo. Ngokuba kade ningubumnyama, kodwa manje seningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya, ngokuba isithelo sokukhanya sisebuhleni bonke, ekulungeni naseqinisweni; nihlolisise ukuthi kuyini okuthandekayo eNkosini. Ningahlanganyeli emisebenzini yobumnyama engenazithelo, kodwa kunalokho niyidalule, ngokuba lokho okwenziwa esithe kuyihlazo ngisho nokukhuluma ngakho, kepha konke okubonakaliswa ngukukhanya kuyabonakala, ngokuba konke okubonakalayo kungukukhanya. Ngalokho kuthiwa