Kwabase-Efesu 1:20-23
Kwabase-Efesu 1:20-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
awenza kuKristu, lapho emvusa kwabafileyo, wammisa ngakwesokunene sakhe emazulwini, phezu kwabo bonke ubukhosi, lamandla, lamandla, lobukhosi, lalo lonke ibizo elibizwayo, kungeyisikho kulomhlaba kuphela, kodwa lakulowo ozayo; Futhi ubeke zonke izinto ngaphansi kwezinyawo zakhe, futhi wammisa abe yinhloko phezu kwakho konke ebandleni. Ongumzimba wakhe, ukugcwala kwakhe ogcwalisa konke kukho konke.
Kwabase-Efesu 1:20-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
asebenze ngawo kuKhristu emvusa kwabafileyo, wamhlalisa ngakwesokunene sakhe emazulwini, ngaphezu kakhulu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama wonke aphathwayo, kungekulesi sikhathi kuphela, kepha nakwesizayo. Wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa ukuba abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla, lona elingumzimba wakhe, ukuphelela kwakhe okuphelelisa konke, kubo bonke.
Kwabase-Efesu 1:20-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
asebenze ngawo kuKristu emvusa kwabafileyo, wamhlalisa ngakwesokunene sakhe ezulwini, ngaphezu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama onke aphathwayo, kungekuleli zwe lodwa kepha nakulo elizayo; wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla, elona lingumzimba wakhe, ukugcwala kwakhe ogcwalisa konke kubo bonke.
Kwabase-Efesu 1:20-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)