Kwabase-Efesu 1:20-23

Kwabase-Efesu 1:20-23 ZUL20

asebenze ngawo kuKhristu emvusa kwabafileyo, wamhlalisa ngakwesokunene sakhe emazulwini, ngaphezu kakhulu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama wonke aphathwayo, kungekulesi sikhathi kuphela, kepha nakwesizayo. Wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa ukuba abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla, lona elingumzimba wakhe, ukuphelela kwakhe okuphelelisa konke, kubo bonke.