UmShumayeli 1:3-7
UmShumayeli 1:3-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Uzuzani umuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashika phansi komthunzi welanga na? Isizukulwane siyafika, sedlule, kodwa umhlaba umi ingunaphakade. Ilanga liyaphuma, lishone, lisheshe liye endaweni yalo lapho liphuma khona. Umoya uvunguza uye eningizimu, uphendukele enyakatho, uphenduphenduke, ubuyele lapho uqale khona. Yonke imifula igelezela olwandle, kodwa ulwandle alugcwali; lapho imifula ike yageleza khona, isayophinde futhi igeleze khona.
UmShumayeli 1:3-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kuyinzuzoni kumuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga na? Isizukulwane siyamuka, isizukulwane siyeza, kepha umhlaba umi phakade. Ilanga liyaphuma, ilanga liyashona, lishesha ukuya endaweni yalo lapho liphuma khona. Umoya uya ngaseningizimu, uzungeze, uye ngasenyakatho; uzungazungeza njalo ekuhambeni kwawo, nasekuzungezeni kwawo umoya uyabuyela. Yonke imifula iyangena elwandle, kepha ulwandle alugcwali; endaweni eya kuyo imifula, ibuye iye khona njalo.
UmShumayeli 1:3-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Umuntu unanzuzoni kuwo wonke umshikashika wakhe awenzayo phansi kwelanga na? Isizukulwane siyedlula, isizukulwane siyeza, kodwa umhlaba umi kuze kube nininini. Ilanga liyaphuma futhi ilanga liyashona futhi liphuthuma endaweni yalo lapho liphuma khona. Umoya uya eningizimu futhi uphendukela enyakatho; uzungeza njalo, nomoya ubuya emijikelezweni yawo. Yonke imifula igelezela olwandle; nokho ulwandle alugcwele; endaweni eya kuyo imifula, ibuyela khona.