UMshumayeli 1:3-7

UMshumayeli 1:3-7 ZUL20

Uzuzani umuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashika phansi komthunzi welanga na? Isizukulwane siyafika, sedlule, kodwa umhlaba umi ingunaphakade. Ilanga liyaphuma, lishone, lisheshe liye endaweni yalo lapho liphuma khona. Umoya uvunguza uye eningizimu, uphendukele enyakatho, uphenduphenduke, ubuyele lapho uqale khona. Yonke imifula igelezela olwandle, kodwa ulwandle alugcwali; lapho imifula ike yageleza khona, isayophinde futhi igeleze khona.