UDuteronomi 30:11-20

UDuteronomi 30:11-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Ngokuba lo myalo engikuyala ngawo namuhla awulukhuni kuwe, awukude. Awukho ezulwini ukuba ungathi: ‘Ngubani oyakukhuphuka ngenxa yethu aye ezulwini, asilandele wona, ukuze siwuzwe, siwenze, na?’ Futhi awuphesheya kolwandle ukuba ungathi: ‘Ngubani oyakusiwelela aye phesheya kolwandle, asilandele wona, ukuze siwuzwe, siwenze, na?’ Kodwa, izwi liseduze kakhulu nawe, lisemlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho ukuba ulenze. “Bheka, ngibeka namuhla phambi kwakho, ukuphila nenqubekela phambili, ukufa nokubi, engikuyala ngakho namuhla ukuba umthande uSimakade uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine imiyalo yakhe, izimiso zakhe, nezehlulelo zakhe, ukuze uphile, wande, uSimakade uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo, ukulidla. “Kepha uma uyifulathelisa inhliziyo yakho ungalaleli; uyengeke ukuba ukhuleke kwabanye onkulunkulu, ubakhonze, ngiyaqinisa kini namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha; izinsuku zenu aniyukuzandisa ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo, nilidle. “Ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngofakazi ngani namuhla ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuze niphile, wena nenzalo yakho, umthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kuwe nobude bezinsuku zakho, uyohlala ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, ukuthi uyakubanika lona.”