IDutheronomi 30

30
UMose Uyaqhubeka Namazwi Okuyala
1 “Kuyothi lapho zonke lezi zinto, izibusiso neziqalekiso engizibeke phambi kwakho, uzindle ngazo enhliziyweni yakho phakathi kwezizwe lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayokudingisela khona, 2 bese uphendukela kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngenhliziyo yakho yonke nangawo wonke umphefumulo wakho, ulalela izwi lakhe njengakho konke engikuyala ngakho namuhla, wena nabantwana bakho, 3 khona uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuguqula ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, uyakubuya, akuqoqe ezizweni zonke, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayekuhlakazele khona. 4 Uma ekhona oxoshelwe nasekugcineni kwezulu, uSimakade uNkulunkulu wakho uyakukuqoqa, akulande lapho. 5 USimakade uNkulunkulu wakho uyakukubuyisela ezweni okhokho bakho abalidlayo, nawe uyakulidla. Uyokwenzela okuhle, akwandise ngaphezu kokhokho bakho. 6 USimakade uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yozalo lwakho, ukuze umthande uSimakade uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangawo wonke umphefumulo wakho, ukuze uphile. 7 USimakade uNkulunkulu wakho uyakubeka zonke lezi ziqalekiso phezu kwezitha zakho naphezu kwabakuzondayo nabakuhlukumezile. 8Uyakuphenduka, ulalele izwi likaSimakade, uyenze yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla. 9 USimakade uNkulunkulu wakho uyokwenza uphumelele kuyo yonke imisebenzi oyenzayo, isithelo sesibeletho sakho, esemfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, kube kuhle, ngokuba uSimakade uyobuye athokoze ukuba anichumise njengokuba athokoza ekuchumiseni okhokho bakho, 10 uma nje ulalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho, ugcina imiyalo nezimiso zakhe ezilotshwe kule ncwadi yomthetho, uphendukela kuSimakade uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.
11 “Ngokuba lo myalo engikuyala ngawo namuhla awulukhuni kuwe, awukude. 12 Awukho ezulwini ukuba ungathi: ‘Ngubani oyakukhuphuka ngenxa yethu aye ezulwini, asilandele wona, ukuze siwuzwe, siwenze, na?’ 13Futhi awuphesheya kolwandle ukuba ungathi: ‘Ngubani oyakusiwelela aye phesheya kolwandle, asilandele wona, ukuze siwuzwe, siwenze, na?’ 14Kodwa, izwi liseduze kakhulu nawe, lisemlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho ukuba ulenze.
15“Bheka, ngibeka namuhla phambi kwakho, ukuphila nenqubekela phambili, ukufa nokubi, 16 engikuyala ngakho namuhla ukuba umthande uSimakade uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine imiyalo yakhe, izimiso zakhe, nezehlulelo zakhe, ukuze uphile, wande, uSimakade uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo, ukulidla.
17 “Kepha uma uyifulathelisa inhliziyo yakho ungalaleli; uyengeke ukuba ukhuleke kwabanye onkulunkulu, ubakhonze, 18 ngiyaqinisa kini namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha; izinsuku zenu aniyukuzandisa ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo, nilidle.
19 “Ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngofakazi ngani namuhla ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuze niphile, wena nenzalo yakho, 20 umthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kuwe nobude bezinsuku zakho, uyohlala ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, ukuthi uyakubanika lona.”

Okuqokiwe okwamanje:

IDutheronomi 30: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume