UDuteronomi 30:11-20

UDuteronomi 30:11-20 ZUL59

“Ngokuba lo myalo engikuyala ngawo namuhla awulukhuni kuwe, awukude. Awusezulwini ukuba uthi: ‘Ngubani oyakusikhuphukelela ezulwini, asilethele wona, siwuzwe, siwenze, na?’ Futhi awuphesheya kolwandle ukuba uthi: ‘Ngubani oyakusiwelela ulwandle, asilethele wona, siwuzwe, siwenze, na?’ Cha, izwi liseduze kakhulu nawe, lisemlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho ukuba ulenze. “Bheka, ngibeke namuhla phambi kwakho ukuphila nokuhle, ukufa nokubi, ngokukuyala namuhla ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe, ugcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, ukuze uphile, wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo ukulidla. “Kepha uma inhliziyo yakho iphenduka ukuze ungezwa, kepha uyengwe, ukhuleke kwabanye onkulunkulu, ubakhonze, ngiyanimemezela namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha; aniyikuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla. “Ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho, ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulilalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho, ukuze uhlale ezweni uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika lona.”