UDuteronomi 20:1-4
UDuteronomi 20:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Nxa uphuma uyokulwa nezitha zakho, bese ubona amahhashi, izinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe, Yena owakukhuphula eGibhithe. Kuyothi lapho nisondela empini, umphristi afike akhulume kubantu, athi kubo: ‘Yizwa, Israyeli! Namuhla nisondela empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali, ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningabi natwetwe phambi kwazo. USimakade uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuze aniphe ukunqoba.’
UDuteronomi 20:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Nxa uphuma impi ukuhlasela izitha zakho, bese wubona amahhashi, nezinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe, yena owakukhuphula ezweni laseGibithe. Kuyakuthi lapho nisondela empini, afike umpristi, akhulume kubantu, athi kubo: ‘Yizwa, Israyeli! Nisondela namuhla empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali, ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningashaywa luvalo phambi kwazo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuba anisindise.’
UDuteronomi 20:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lapho uphuma ukulwa nezitha zakho, namahhashi, nezinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe owakukhuphula ezweni laseGibithe. Lapho nisondela ekulweni, umpristi makasondele, akhulume kubantu: Futhi ngizakuthi kubo: Zwana, O Israyeli, uyeza lamuhla ukulwa lezitha zakho; ningazivumeli izinhliziyo zenu ziphele, ningesabi noma nithuthumele, futhi ningapheli amandla ngenxa yazo; Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguye ohamba nani ukunilwela ezitheni zenu, anisindise.