UDuteronomi 20

20
Imithetho yempi
1“Nxa uphuma impi ukuhlasela izitha zakho, bese wubona amahhashi, nezinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe, yena owakukhuphula ezweni laseGibithe. 2Kuyakuthi lapho nisondela empini, afike umpristi, akhulume kubantu, athi kubo: 3‘Yizwa, Israyeli! Nisondela namuhla empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali, ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningashaywa luvalo phambi kwazo, 4ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuba anisindise.’
5“Izinduna ziyakukhuluma kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owakhile indlu entsha engayivulanga na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu ayivule. 6Ngumuphi umuntu otshalile isivini engadlanga izithelo zaso na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu asidle. 7 Ngumuphi umuntu onengoduso engayithathanga na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu ayithathe.’ 8 Izinduna ziyakukhuluma futhi kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owesabayo onenhliziyo edangeleyo na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa izinhliziyo zabafowabo zincibilike njengenhliziyo yakhe.’ 9Kuyakuthi lapho izinduna seziqedile ukukhuluma, zikhethe izinduna zamabandla eziyakubahola abantu.
10“Nxa usondela emzini ukulwa nawo, mawumemezele ukuthula kuwo. 11Kuyakuthi uma ukuphendula ngezwi lokuthula, uzivulele kuwe, abantu bonke abafunyaniswa phakathi kwawo baba yizinceku zempoqo, bakukhonze. 12Uma ungenzi ukuthula kuwe kepha ukuhlasela, uyakuwuvimbezela, 13nalapho uJehova uNkulunkulu wakho ewunikela esandleni sakho, uyakushaya bonke abesilisa bawo ngosiko lwenkemba, 14 kepha abesifazane, nabantwana, nezinkomo, nakho konke okusemzini, yebo, yonke impango yawo, uyakukuthatha kube yimpango yakho, uyidle impango yezitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho akunike yona. 15Uyakwenze njalo kuyo yonke imizi ekude kakhulu nawe, engesiyo imizi yalezi zizwe.
16 “Kodwa emizini yalaba bantu uJehova uNkulunkulu wakho akunika bona babe yifa lakho awuyikusindisa lutho oluphefumulayo, 17kepha uyakubabhubhisa nokubabhubhisa: amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi njengokukuyala kukaJehova uNkulunkulu wakho, 18ukuze banganifundisi ukuba nenze zonke izinengiso zabo abazenzile konkulunkulu babo, none kuJehova uNkulunkulu wenu.
19“Nxa uvimbezela umuzi isikhathi eside ngokulwa nawo ukuba uwuthathe, awuyikuyichitha imithi ngokuyigalela ngezembe, ngokuba ungadla kuyo; ungayigawuli, ngokuba umuthi wasendle ungumuntu yini ukuba uvinjezelwe nguwe na? 20Imithi oyaziyo ukuthi ayisiyo imithi yokudla, yiyona kuphela oyakuyichitha, uyigawule, wakhe izinqaba ngasemzini olwa nawe, uze uwe.

Okuqokiwe okwamanje:

UDuteronomi 20: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo