UDuteronomi 19:1-3
UDuteronomi 19:1-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esezishabalalisile izizwe ezizwe lazo uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, wena uzixoshe, bese uhlala emizini yazo nasezindlini zazo. Uyozehlukanisela imizi emithathu phakathi nezwe lakho uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle. Uyolungisa indlela, wehlukanise kathathu izifunda zezwe lakini uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa, ukuze bonke ababulali babalekele lapho.
UDuteronomi 19:1-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakunquma izizwe ezizwe lazo uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, bese wuzixosha, wakhe emizini yazo nasezindlini zazo, uyakuzahlukanisela imizi emithathu phakathi kwezwe lakho akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho ukuba ulidle. Uyakuyilungisa indlela, wahlukanise kathathu imikhawulo yezwe lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, ukuze bonke ababulali babalekele khona.
UDuteronomi 19:1-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
“Uma uJehova uNkulunkulu wakho echitha izizwe ezizweni lazo uJehova uNkulunkulu wakho akunika zona, nizilandele, nihlale emizini yazo nasezindlini zazo; Kumelwe uzibekele eceleni imizi emithathu ezweni lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle. Kumelwe uzilungisele indlela, wahlukanisele imikhawulo yezwe lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona njengefa libe izingxenye ezintathu, ukuze kuthi noma ubani onqotshiweyo abalekele khona.