IDutheronomi 19:1-3

IDutheronomi 19:1-3 ZUL20

“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esezishabalalisile izizwe ezizwe lazo uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, wena uzixoshe, bese uhlala emizini yazo nasezindlini zazo. Uyozehlukanisela imizi emithathu phakathi nezwe lakho uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle. Uyolungisa indlela, wehlukanise kathathu izifunda zezwe lakini uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa, ukuze bonke ababulali babalekele lapho.