UDuteronomi 1:41-46
UDuteronomi 1:41-46 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Nase niphendula, nithi kimi: ‘Sonile kuJehova; siyakukhuphuka silwe njengakho konke asiyala ngakho uJehova uNkulunkulu wethu. Nabhincisa, kwaba yilowo nalowo izikhali zakhe zokulwa; kwase kuba lula kini ukuba nikhuphukele entabeni.’ “UJehova wayesethi kimi: ‘Yisho kubo ukuthi: “Ningakhuphuki, ningalwi, ngokuba angikho phakathi kwenu, ukuze ningabulawa phambi kwezitha zenu.” ’ “Ngakhuluma-ke kanjalo kini, analalela, kepha nahlubuka ezwini likaJehova, naziqhenya, nakhuphukela entabeni. Ama-Amori ayehlala kuleyo ntaba aphuma anihlasela, anixosha njengokwenza kwezinyosi, aninqoba eSeyiri, kwaze kwaba seHorma. Nabuye nakhala phambi kukaJehova, kepha uJehova akalalelanga izwi lenu, kanizwanga. Nase nihlala eKadeshi izinsuku eziningi njengezinsuku enazihlala khona.
UDuteronomi 1:41-46 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Naphendula, nathi kimi: ‘Sonile kuSimakade; siyakukhuphuka silwe njengakho konke asiyala ngakho uSimakade uNkulunkulu wethu.’ Nahloma, yilowo nalowo izikhali zakhe zokulwa; kwase kuba lula kini ukuba nikhuphukele kwelezintaba. “USimakade wayesethi kimi: ‘Yisho kubo uthi: “Ningakhuphuki, ningalwi, ngokuba ngeke ngibe khona phakathi kwenu, funa zinehlule izitha zenu.” ’ “Ngakhuluma kanjalo-ke kini, kodwa anilalelanga, kunalokho nalihlubuka izwi likaSimakade, naba nenkani, nakhuphukela kwelezintaba. Abakwa-Amori ababehlala kwelezintaba baphuma banihlasela, banixosha kuhle kwezinyosi, baninqoba eSeyiri, kwaze kwaba seHorma. Nabuya, nakhala phambi kukaSimakade, kodwa uSimakade akalilalelanga izwi lokukhala kwenu. Nahlala eKadeshi izinsuku eziningi, nilokhu nihlezi khona.”
UDuteronomi 1:41-46 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Nase niphendula, nathi kimi: ‘Sonile kuJehova; siyakukhuphuka silwe njengakho konke uJehova uNkulunkulu wethu asiyale ngakho. Lapho nibhincile, kwaba yilowo nalowo izikhali zakhe zempi, nalungela ukukhuphukela entabeni. UJehova wathi kimi: “Batshele ukuthi: Ningenyuki niyokulwa; ngoba kangikho phakathi kwenu; funa nihlulwe phambi kwezitha zenu. Kungakho ngikhulume kini; anilalelanga, kepha nahlubuka ezwini likaJehova, nakhuphuka intaba ngokugabadela. Ama-Amori ahlala kuleyo ntaba aphuma anihlangabeza, anixosha, njengokwenza kwezinyosi, anichitha eSeyiri kwaze kwaba seHorma. Nabuya nakhala phambi kukaJehova; kepha uJehova akalilalelanga izwi lakho, akakuzwanga. Nahlala izinsuku eziningi eKadeshi njengezinsuku enazihlala khona