UDuteronomi 1:41-46

UDuteronomi 1:41-46 CZB24

Nase niphendula, nathi kimi: ‘Sonile kuJehova; siyakukhuphuka silwe njengakho konke uJehova uNkulunkulu wethu asiyale ngakho. Lapho nibhincile, kwaba yilowo nalowo izikhali zakhe zempi, nalungela ukukhuphukela entabeni. UJehova wathi kimi: “Batshele ukuthi: Ningenyuki niyokulwa; ngoba kangikho phakathi kwenu; funa nihlulwe phambi kwezitha zenu. Kungakho ngikhulume kini; anilalelanga, kepha nahlubuka ezwini likaJehova, nakhuphuka intaba ngokugabadela. Ama-Amori ahlala kuleyo ntaba aphuma anihlangabeza, anixosha, njengokwenza kwezinyosi, anichitha eSeyiri kwaze kwaba seHorma. Nabuya nakhala phambi kukaJehova; kepha uJehova akalilalelanga izwi lakho, akakuzwanga. Nahlala izinsuku eziningi eKadeshi njengezinsuku enazihlala khona