UDuteronomi 1:41-46

UDuteronomi 1:41-46 ZUL59

“Nase niphendula, nithi kimi: ‘Sonile kuJehova; siyakukhuphuka silwe njengakho konke asiyala ngakho uJehova uNkulunkulu wethu. Nabhincisa, kwaba yilowo nalowo izikhali zakhe zokulwa; kwase kuba lula kini ukuba nikhuphukele entabeni.’ “UJehova wayesethi kimi: ‘Yisho kubo ukuthi: “Ningakhuphuki, ningalwi, ngokuba angikho phakathi kwenu, ukuze ningabulawa phambi kwezitha zenu.” ’ “Ngakhuluma-ke kanjalo kini, analalela, kepha nahlubuka ezwini likaJehova, naziqhenya, nakhuphukela entabeni. Ama-Amori ayehlala kuleyo ntaba aphuma anihlasela, anixosha njengokwenza kwezinyosi, aninqoba eSeyiri, kwaze kwaba seHorma. Nabuye nakhala phambi kukaJehova, kepha uJehova akalalelanga izwi lenu, kanizwanga. Nase nihlala eKadeshi izinsuku eziningi njengezinsuku enazihlala khona.