IzEnzo 2:15-18
IzEnzo 2:15-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba laba kabadakiwe njengokucabanga kwenu, lokhu kuseyihora lesithathu lemini; kodwa lokhu kuyikho okwakhulunywa ngomprofethi uJoweli ukuthi: “ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho; yebo, naphezu kwezinceku zami nezincekukazi zami ngiyakuthulula uMoya wami ngaleyo mihla, ziyakuprofetha.
IzEnzo 2:15-18 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba laba abadakiwe njengokucabanga kwenu, lokhu kuseyihora lesithathu lemini. Kodwa lokhu kuyikho okwakhulunywa ngumprofethi uJoweli; “Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina, usho uJehova, ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama, amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, nezinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho; Naphezu kwezinceku zami naphezu kwezincekukazi zami ngalezo zinsuku ngiyakuthulula uMoya wami; bayakuprofetha
IzEnzo 2:15-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Akunjengoba nicabanga, ukuthi laba badakiwe, ngokuba kuseyihora lesithathu losuku. Kepha lokhu yilokho okwakhulunywa ngomphrofethi uJoweli, ukuthi: “ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokugcina, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthululela uMoya wami phezu kwenyama yonke; amadodana enu namadodakazi enu ayakuphrofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho; yebo, naphezu kwezinceku nezincekukazi zenu, ngiyothululela uMoya wami ngalezo zinsuku, ziyakuprofetha.
IzEnzo 2:15-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)