IZenzo 2:15-18

IZenzo 2:15-18 ZUL20

Akunjengoba nicabanga, ukuthi laba badakiwe, ngokuba kuseyihora lesithathu losuku. Kepha lokhu yilokho okwakhulunywa ngomphrofethi uJoweli, ukuthi: “ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokugcina, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthululela uMoya wami phezu kwenyama yonke; amadodana enu namadodakazi enu ayakuphrofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho; yebo, naphezu kwezinceku nezincekukazi zenu, ngiyothululela uMoya wami ngalezo zinsuku, ziyakuprofetha.

Funda IZenzo 2

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IZenzo 2:15-18