IzEnzo 2:15-18

IzEnzo 2:15-18 ZULUNT

Ngokuba laba abadakiwe njengokucabanga kwenu, lokhu kuseyihora lesithathu lemini. Kodwa lokhu kuyikho okwakhulunywa ngumprofethi uJoweli; “Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina, usho uJehova, ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama, amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, nezinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho; Naphezu kwezinceku zami naphezu kwezincekukazi zami ngalezo zinsuku ngiyakuthulula uMoya wami; bayakuprofetha

Funda IzEnzo 2

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzEnzo 2:15-18