IzEnzo 19:1-41

IzEnzo 19:1-41 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwathi u-Apholo eseKorinte, uPawulu esedabule izwe eliphezulu, wafika e-Efesu; Wathi kubo: “Namukele uMoya oNgcwele selokhu nakholwa na? Base bethi kuye: “Asikaze sizwe ukuthi kukhona uMoya oNgcwele.” Wathi kubo: Pho nabhabhathizwa kuyiphi na? Basebesithi: Kubhabhathizo lukaJohane. UPawuli wasesithi: UJohane wabhabhathiza umbhabhathizo wokuphenduka, esithi ebantwini ukuthi bakholwe kuye ozayo emva kwakhe, onguKristu Jesu. Kwathi ukuzwa lokho, babhapathizwa egameni leNkosi uJesu. UPawuli esebeke izandla phezu kwabo, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo; bakhuluma ngezilimi, baprofetha. Amadoda onke ayengaba ishumi nambili. Wayesengena esinagogeni, wakhuluma ngesibindi izinyanga ezintathu, ekhuluma eqinisekisa ngombuso kaNkulunkulu. Kodwa kwathi abanye bezenza lukhuni bengakholwa, bekhuluma kubi ngaleyoNdlela phambi kwexuku, wasuka kubo, wehlukanisa abafundi, ekhuluma insuku ngensuku esikolo sikaTiranu. Lokho kwenzeka iminyaka emibili; kangangokuthi bonke abakhileyo e-Asiya balizwa izwi leNkosi, amaJuda namaGreki. UNkulunkulu wenza imisebenzi yamandla emangalisayo ngezandla zikaPawuli. Kwaze kwathathwa amaduku nezigqoko emzimbeni wakhe kwabagulayo, izifo zasuka kubo, namademoni aphuma kubo. Abathile kubaJuda abakhipha imimoya emibi ababezulazula bazama ukubiza igama leNkosi uJesu phezu kwababenamademoni, bathi: “Siyanifungisa uJesu amshumayelayo uPawulu. Kwakukhona amadodana ayisikhombisa kaSkeva umJuda nompristi omkhulu, ayekwenza lokho. Umoya omubi waphendula wathi: UJesu ngiyamazi, noPawulu ngiyamazi; kodwa nina ningobani? Umuntu okuye umoya omubi weqela phezu kwabo, wabanqoba, wabahlula, baze babaleka kuleyondlu benqunu, belimele. Lokho kwaziwa yibo bonke abakhileyo e-Efesu abaJuda namaGreki; ukwesaba kwabehlela bonke, ladunyiswa igama leNkosi uJesu. Nabaningi abakholwayo beza, bazivuma, babika izenzo zabo. Abaningi kwababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke; babala intengo yazo, bathola izinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu. Kanjalo izwi likaNkulunkulu landa ngamandla, lanqoba. Kwathi seziphelile lezi zinto, uPawulu wazimisela emoyeni, esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, ukuya eJerusalema, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma. Wathuma eMakedoniya ababili kwabamkhonzayo, uThimothewu no-Erastu; kepha yena wahlala isikhathi e-Asiya. Ngalesosikhathi kwavela isiphithiphithi esingesincinyane mayelana laleyoNdlela. Ngokuba umuntu othile ogama lakhe linguDemetriyu, umkhandi wesiliva, owenza amathempelana esiliva kaDiyana, wayeletha izingcweti inzuzo enkulu; Wababizela ndawonye kanye nezisebenzi zaleyo misebenzi, wathi: “Madoda, niyazi nina ukuthi ingcebo yethu kulo msebenzi. Futhi niyabona, niyezwa, ukuthi kungesikho e-Efesu kuphela, kodwa cishe kulo lonke elase-Asiya, uPawuli lo udukise abantu abaningi, waphambukisa, wathi abasibo onkulunkulu abenziwe ngezandla; Ngakho kayisikho lokhu kuphela umsebenzi wethu osengozini yokudelelwa; kodwa nokuba ithempeli likankulunkulukazi omkhulu uDiyana liyakuchithwa, nobukhosi bakhe buchithwe, okhulekelwa yi-Asiya yonke nomhlaba wonke. Sebezwile lawa mazwi bagcwala ulaka, bamemeza bathi: “Mkhulu uDiyana wabase-Efesu! Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, baphuthuma enkundleni yemidlalo nganhliziyonye babamba uGayu no-Aristarku abaseMakedoniya ababehamba noPawulu. Kwathi uPawulu esefuna ukungena esixukwini, abafundi abamvumelanga. Abanye bababusi base-Asiya, ababengabangane bakhe, bathumela kuye, bemncenga ukuba angazinikeli enkundleni yemidlalo. Ngakho abanye bamemeza okunye labanye okunye, ngoba umhlangano waphithizela; abaningi babengazi ukuthi babebuthene ngani. Basebekhipha uAleksandro exukwini, abaJuda bamqhubela phambili. U-Aleksandru waqhweba ngesandla, efuna ukuziphendulela kubantu. Kodwa sebekwazi ukuthi ungumJuda, bonke ngazwi linye bamemeza kungathi amahola amabili, Mkhulu uDiyana wabaseEfesu! Kwathi umabhalane esezithulisile izixuku, wathi: Madoda ase-Efesu, ngumuphi umuntu ongazi ukuthi umuzi wabase-Efesu ungumkhulekeli kankulunkulukazi omkhulu uDiyana nowesithombe esawa kuJupiter? Ngakho njengoba lezizinto zingephikwe, kufanele nithule, ningenzi lutho ngamawala. Ngokuba nilethile lawa madoda, angesibo abaphangi bamabandla, nabangabahlambalazi unkulunkulukazi wenu. Ngakho-ke uma uDemetriyu nezingcweti ezikanye naye benendaba nomuntu, umthetho uvuliwe, bakhona nababusi; mabamangalelane. Kepha uma nibuza utho ngezinye izinto, luyakunqunywa emhlanganweni osemthethweni. Ngoba sisengozini yokumangalelwa ngesiyaluyalu salamuhla, kungekho sizathu esingalandisa ngaso ngalo mbuthano. Eseshilo lokho walichitha ibandla.

Dlulisela
Funda IzEnzo 19

IzEnzo 19:1-41 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi u-Apholo eseseKhorinte, kwafika uPawula e-Efesu, esenqamule ezifundeni ezingenhla; wafica abafundi abathile, wathi kubo: “Namamukela yini uMoya oNgcwele mhla nikholwa na?” Kepha bathi kuye: “Qha, asikaze sizwe nakuzwa ukuthi kukhona uMoya oNgcwele.” Wayesethi: “Kanti nabhabhadiswa kukuphi?” Bathi: “Ngombhabhadiso kaJohane.” UPawula wayesethi: “UJohane wabhabhadisa ngombhabhadiso wokuphenduka, ethi kubantu mabakholwe nguYena ozakufika emuva kwakhe; lowo nguJesu.” Sebekuzwile lokho, babhabhadiswa egameni leNkosi uJesu. UPawula esebekile izandla phezu kwabo, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo, base bekhuluma ngezilimi, futhi baphrofetha. Babengamadoda abalelwa eshumini nambili sebebonke. Wayesengena esinagogeni, wakhuluma ngesibindi izinyanga ezintathu, ephikisana nabo futhi ebanxenxa ngombuso kaNkulunkulu. Kepha lapho abanye sebeqinise amakhanda, bengalaleli futhi bejivaza leyo Ndlela phambi kwesixuku, wasuka kubo, wathatha abafundi, waba nezinkulumompikiswano imihla ngemihla esikoleni sikaTharanu. Lokho kwenzeka iminyaka emibili, kwaze kwathi bonke abakhile e-Asiya balizwa izwi leNkosi, abaJuda namaGriki. UNkulunkulu wenza imisebenzi yamandla engavamile ngezandla zikaPawula, ngangokuthi baze bathatha amaduku nezindwangu emzimbeni wakhe, bakubeka phezu kwabagulayo; zase zisuswa kubo izifo zabo, baphuma nomoya ababi. Kepha abathile abayizanusi kubaJuda, ababehla benyuka, nabo bazama ukubiza igama leNkosi uJesu phezu kwabanomoya ababi, bethi: “Ngiyaniyala ngoJesu amshumayelayo uPawula.” Kwakukhona uSkeva othile, umJuda, ongumphristi omkhulu, owayenamadodana ayisikhombisa ayekwenza lokho. Kepha umoya omubi waphendula, wathi kuwo: “UJesu ngiyamazi, noPawula ngimejwayele, pho nina ningobani?” Lowo muntu onomoya omubi wabadumela, esebahlulile bonke, wabanqoba; baze baphunyuka kuleyo ndlu babaleka behambaze, futhi belimele. Lokho kwaziwa yibo bonke abaJuda namaGriki akhileyo e-Efesu, bonke behlelwa ngukwesaba; ladunyiswa igama leNkosi uJesu. Abaningi kulabo abakholwayo beza bavuma futhi badalula izenzo zabo. Kepha abanye balabo ababenza imilingo baqoqa izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke. Lapho sekubalwa inani lazo, kwatholakala ukuthi liyizinhlamvu zesiliva eziyizi-50 000. Kanjalo izwi landa ngamandla eNkosi, lasabalala, laba namandla. Kwathi sekwenzekile lokho, uPawula wanquma emoyeni wakhe ukuya eJerusalema, esenqamulile eMakhedoniya nase-Akhaya, wathi: “Uma sengifinyelele lapho kufanele ukuba ngiyobona neRoma.” Wayesethumela eMakhedoniya ababili abamsizayo, uThimothewu no-Erastu; yena uqobo wahlala isikhathi e-Asiya. Kepha ngaleso sikhathi kwasuka isiphithiphithi esikhulu maqondana neNdlela. Ngokuba umuntu othile ogama lakhe linguDemethriyu, umkhandi wesiliva owayenza amathempelana esiliva ka-Artemisi, wabalethela inzuzo enkulu abakhandi besiliva. Wabaqoqa laba kanye nezisebenzi ezenza lowo msebenzi, wayesethi: “Madoda, niyazi ukuthi umcebo wethu uvela kulo msebenzi. Kepha, niyabona futhi niyezwa ukuthi akusikho kuphela e-Efesu, kodwa cishe kulo lonke i-Asiya, uPawula lona usenxenxe waphendula abantu abaningi, ethi akusibo onkulunkulu laba abenziwe ngezandla. Ngakho akusikho nje lokhu kuphela ukuthi umsebenzi wethu usengozini yokwedelelwa, kodwa nethempeli likankulunkulukazi omkhulu, u-Artemisi, kuyakuthiwa aliyinto yalutho, nobukhulukazi bakhe buphele nya, yena elimkhonzayo lonke i-Asiya nezwe lonke.” Sebekuzwile lokho, bathukuthela bathelwa ngamanzi, bamemeza bethi: “Mkhulu u-Artemisi wabase-Efesu.” Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, baphuthuma kanyekanye enkundleni okubukelwa kuyo, bamdumela uGayu no-Aristarku baseMakhedoniya, ababehamba noPawula. UPawula wayesefuna ukungena phakathi kwabantu, kodwa abafundi abamvumelanga. Abanye futhi bababusi base-Asiya, abangabahlobo bakhe, bathumela kuye, bamncenga ukuba angalokothi angene esigcawini. Abanye babememeza besho lokhu, abanye besho lokhuya, ngokuba isixuku sasiyaluza nje, futhi abaningi bengazi nokuthi kungani bebuthene. Base bekhipha u-Aleksandru esixukwini, abaJuda bamqhuba phambili, kodwa u-Aleksandru waphakamisa isandla, efuna ukuziphendulela kubantu. Kwathi ukuba bazi ukuthi ungumJuda, base bememeza bonke ngazwi linye, cishe amahora amabili, bethi: “Mkhulu u-Artemisi wabase-Efesu.” Kepha unobhala womuzi wabathulisa abantu, wathi: “Madoda ase-Efesu, ngubani lapha phakathi kwabantu ongazi ukuthi lo muzi wase-Efesu ungumuzi okugcinwe kuwo ithempeli lika-Artemisi omkhulu nesithombe esawa ezulwini na? Ngakho-ke njengoba lezo zinto zingephikwe, kufanele ukuba nizibambe, ningenzi lutho ngamawala. Ngokuba nilethe la madoda angesibo abaphangi bamathempeli noma ahlambalaza uNkulunkulu wethu. Ngakho-ke uma uDemethriyu nezingcweti zabakhandi besiliva benodaba nomuntu, zikhona izinsuku zokuthetha amacala, futhi bakhona nababusi; mabamangalelane. Kepha uma nifuna okungaphezu kwalokho, kuyakudingidwa ebandla ngokusemthethweni. Impela sisengozini yokumangalelwa ngenxa yesiphithiphithi sanamuhla, ngokuba akukho sizathu esingazilandulela ngaso ngalesi siyaluyalu.” Kuthe esekukhulumile lokho wawuhlakaza umbuthano.

Dlulisela
Funda IzEnzo 19

IzEnzo 19:1-41 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi u-Apholo eseKorinte, uPawulu wafika e-Efesu esedabulile amazwe angasenhla, wafumana abafundi abathile, wathi: “Namamukela yini uMoya oNgcwele mhla nikholwayo na?” Bathi kuye: “Qhabo, asizwanga nokuzwa ukuba kukhona uMoya oNgcwele.” Wathi: “Pho, nabhapathizelwa kukuphi na?” Base bethi: “Kukho ukubhapathiza kukaJohane.” UPawulu wayesethi: “UJohane wabhapathiza umbhapathizo wokuphenduka, ethi kubantu mabakholwe nguyena obezakuza emva kwakhe, kungukuthi uJesu.” Bathi ukuzwa lokho, babhapathizwa egameni leNkosi uJesu. Kwathi uPawulu esebekile izandla phezu kwabo, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo; base bekhuluma ngezilimi, baprofetha. Babe ngamadoda angathi ishumi nambili bebonke. Wayesengena esinagogeni,* wakhuluma ngesibindi izinyanga zaba ntathu, eshumayela ebafundisa ngombuso kaNkulunkulu. Kepha lapho abathile bezenza lukhuni bengalaleli, bekhuluma kabi ngaleyo Ndlela phambi kwabantu, wasuka kubo, waqembula abafundi, washumayela imihla ngemihla esikoleni sikaTiranu. Lokho kwenzeka iminyaka emibili, baze balizwa izwi leNkosi bonke abakhileyo e-Asiya, abaJuda namaGreki. UNkulunkulu wenza imisebenzi yamandla engavamile ngezandla zikaPawulu, baze bathatha amaduku nezindwangu emzimbeni wakhe, bazibeka phezu kwabagulayo; zase zisuka kubo izifo, nomoya ababi baphuma. Kepha nabathile abayizanusi kubaJuda, abayizinzulane, balokotha ukuphatha igama leNkosi uJesu phezu kwabakhwelwe ngomoya ababi, bathi: “Ngiyanifungisa uJesu amshumayelayo uPawulu.” USkeva othile, umJuda, umpristi omkhulu, wayenamadodana ayisikhombisa ayekwenza lokho. Kepha umoya omubi waphendula, wathi kuwo: “UJesu ngiyamazi, noPawulu ngiyamqonda; kepha nina ningobani na?” Lowo muntu onomoya omubi wabadumela, wahlula ababili, wabanqoba, baze baphunyuka kuleyo ndlu behambaze, belimele. Lokho kwezwakala kubo bonke abakhileyo e-Efesu, abaJuda namaGreki, ukwesaba kwabehlela bonke; ladunyiswa igama leNkosi uJesu; nabaningi kwabakholwayo beza bazivuma, bazibika izenzo zabo. Kepha abaningi kubo ababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke; bahlanganisa amanani azo, bafumana ukuthi ayizinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu. Kanjalo izwi landa ngamandla eNkosi, lanqoba. Kwathi ukuba sezenzekile lezo zinto, uPawulu wazimisela emoyeni ukuya eJerusalema esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.” Wayesethumela eMakedoniya ababili kwabamkhonzayo oThimothewu no-Erastu; yena uqobo wasala isikhathi e-Asiya. Kepha ngaleso sikhathi kwavela isiphithiphithi esingesincane maqondana naleyo Ndlela. Ngokuba umuntu othile ogama lakhe linguDemetriyu, umkhandi wesiliva owenza amathempelana esiliva kaDiyana, wazuzisa abakhandi besiliva inzuzo engencane, waqoqa bona kanye nezisebenzi ezinjalo, wathi: “Madoda, niyazi ukuthi kulo msebenzi kuvela ingcebo yethu, kepha seniyabona, niyezwa futhi ukuthi akukuphela e-Efesu kodwa cishe kulo lonke i-Asiya uPawulu lona udukisile abantu abaningi ngokubancenga, ethi akusibo onkulunkulu labo abenziwe ngezandla. Ngakho akusikho lokhu kuphela ukuba umsebenzi wethu usengozini yokudelelwa, kodwa nethempeli lonkulunkulukazi omkhulu uDiyana liyakuthiwa aliyinto yalutho, nobukhulukazi bakhe sebuzakuphela, yena elimkhonzayo lonke i-Asiya nezwe lonke.” Kwathi bekuzwa lokho, bagcwala ulaka, bamemeza bathi: “Mkhulu uDiyana wabase-Efesu.” Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, batheleka nganhliziyonye esigcawini sokubukela, babamba oGayu no-Aristarku, abaseMakedoniya, ababehamba noPawulu. Kepha uPawulu esefuna ukungena phakathi kwabantu, abafundi abamvumelanga. Nabanye bababusi base-Asiya, bengabahlobo bakhe, bathumela kuye, bamncenga ukuba angaze angena esigcawini sokubukela. Khona-ke abanye bamemeza okunye nabanye okunye; ngokuba ibandla layaluza nje, nabaningi babengazi ukuthi babuthanele indabani. Base bekhipha u-Aleksandru esixukwini, abaJuda bamqhubela phambili; kepha u-Aleksandru waqhweba ngesandla, efuna ukuziphendulela kubantu. Kwathi ukuba bezwe ukuthi ungumJuda, bamemeza bonke ngazwi linye kwangathi amahora amabili, bathi: “Mkhulu uDiyana wabase-Efesu.” Kepha umbhali esebathulisile abantu wathi: “Madoda ase-Efesu, kukhona yini phakathi kwabantu ongaziyo ukuthi umuzi wase-Efesu ungumlondi wethempeli likaDiyana omkhulu nowesithombe esawa ezulwini na? Ngakho lokhu lezo zinto zingephikwe, kufanele nithule, ningenzi lutho ngamawala. Ngokuba nilethile lawa madoda angesibo abaphangi bamathempeli nokuba abahlambalaza uNkulunkulu wethu. Ngakho uma uDemetriyu kanye nezingcweti zabakhandi besiliva benendaba nomuntu, zikhona izinsuku zokuthetha amacala, bakhona nababusi; mabamangalelane. Kepha uma nifuna utho ngaphezu kwalokho, kuyalungiswa ebandleni elimisiweyo. Ngokuba-ke sisengozini yokumangalelwa ngomsindo wanamuhla, lokhu kungekho sizathu esingazilandulela ngaso ngalesi siwiliwili.” Eseshilo lokho walimukisa ibandla.

Dlulisela
Funda IzEnzo 19

IzEnzo 19:1-41 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi u-Apholo eseKorinte, uPawulu esedabule izwe eliphezulu, wafika e-Efesu; Wathi kubo: “Namukele uMoya oNgcwele selokhu nakholwa na? Base bethi kuye: “Asikaze sizwe ukuthi kukhona uMoya oNgcwele.” Wathi kubo: Pho nabhabhathizwa kuyiphi na? Basebesithi: Kubhabhathizo lukaJohane. UPawuli wasesithi: UJohane wabhabhathiza umbhabhathizo wokuphenduka, esithi ebantwini ukuthi bakholwe kuye ozayo emva kwakhe, onguKristu Jesu. Kwathi ukuzwa lokho, babhapathizwa egameni leNkosi uJesu. UPawuli esebeke izandla phezu kwabo, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo; bakhuluma ngezilimi, baprofetha. Amadoda onke ayengaba ishumi nambili. Wayesengena esinagogeni, wakhuluma ngesibindi izinyanga ezintathu, ekhuluma eqinisekisa ngombuso kaNkulunkulu. Kodwa kwathi abanye bezenza lukhuni bengakholwa, bekhuluma kubi ngaleyoNdlela phambi kwexuku, wasuka kubo, wehlukanisa abafundi, ekhuluma insuku ngensuku esikolo sikaTiranu. Lokho kwenzeka iminyaka emibili; kangangokuthi bonke abakhileyo e-Asiya balizwa izwi leNkosi, amaJuda namaGreki. UNkulunkulu wenza imisebenzi yamandla emangalisayo ngezandla zikaPawuli. Kwaze kwathathwa amaduku nezigqoko emzimbeni wakhe kwabagulayo, izifo zasuka kubo, namademoni aphuma kubo. Abathile kubaJuda abakhipha imimoya emibi ababezulazula bazama ukubiza igama leNkosi uJesu phezu kwababenamademoni, bathi: “Siyanifungisa uJesu amshumayelayo uPawulu. Kwakukhona amadodana ayisikhombisa kaSkeva umJuda nompristi omkhulu, ayekwenza lokho. Umoya omubi waphendula wathi: UJesu ngiyamazi, noPawulu ngiyamazi; kodwa nina ningobani? Umuntu okuye umoya omubi weqela phezu kwabo, wabanqoba, wabahlula, baze babaleka kuleyondlu benqunu, belimele. Lokho kwaziwa yibo bonke abakhileyo e-Efesu abaJuda namaGreki; ukwesaba kwabehlela bonke, ladunyiswa igama leNkosi uJesu. Nabaningi abakholwayo beza, bazivuma, babika izenzo zabo. Abaningi kwababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke; babala intengo yazo, bathola izinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu. Kanjalo izwi likaNkulunkulu landa ngamandla, lanqoba. Kwathi seziphelile lezi zinto, uPawulu wazimisela emoyeni, esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, ukuya eJerusalema, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma. Wathuma eMakedoniya ababili kwabamkhonzayo, uThimothewu no-Erastu; kepha yena wahlala isikhathi e-Asiya. Ngalesosikhathi kwavela isiphithiphithi esingesincinyane mayelana laleyoNdlela. Ngokuba umuntu othile ogama lakhe linguDemetriyu, umkhandi wesiliva, owenza amathempelana esiliva kaDiyana, wayeletha izingcweti inzuzo enkulu; Wababizela ndawonye kanye nezisebenzi zaleyo misebenzi, wathi: “Madoda, niyazi nina ukuthi ingcebo yethu kulo msebenzi. Futhi niyabona, niyezwa, ukuthi kungesikho e-Efesu kuphela, kodwa cishe kulo lonke elase-Asiya, uPawuli lo udukise abantu abaningi, waphambukisa, wathi abasibo onkulunkulu abenziwe ngezandla; Ngakho kayisikho lokhu kuphela umsebenzi wethu osengozini yokudelelwa; kodwa nokuba ithempeli likankulunkulukazi omkhulu uDiyana liyakuchithwa, nobukhosi bakhe buchithwe, okhulekelwa yi-Asiya yonke nomhlaba wonke. Sebezwile lawa mazwi bagcwala ulaka, bamemeza bathi: “Mkhulu uDiyana wabase-Efesu! Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, baphuthuma enkundleni yemidlalo nganhliziyonye babamba uGayu no-Aristarku abaseMakedoniya ababehamba noPawulu. Kwathi uPawulu esefuna ukungena esixukwini, abafundi abamvumelanga. Abanye bababusi base-Asiya, ababengabangane bakhe, bathumela kuye, bemncenga ukuba angazinikeli enkundleni yemidlalo. Ngakho abanye bamemeza okunye labanye okunye, ngoba umhlangano waphithizela; abaningi babengazi ukuthi babebuthene ngani. Basebekhipha uAleksandro exukwini, abaJuda bamqhubela phambili. U-Aleksandru waqhweba ngesandla, efuna ukuziphendulela kubantu. Kodwa sebekwazi ukuthi ungumJuda, bonke ngazwi linye bamemeza kungathi amahola amabili, Mkhulu uDiyana wabaseEfesu! Kwathi umabhalane esezithulisile izixuku, wathi: Madoda ase-Efesu, ngumuphi umuntu ongazi ukuthi umuzi wabase-Efesu ungumkhulekeli kankulunkulukazi omkhulu uDiyana nowesithombe esawa kuJupiter? Ngakho njengoba lezizinto zingephikwe, kufanele nithule, ningenzi lutho ngamawala. Ngokuba nilethile lawa madoda, angesibo abaphangi bamabandla, nabangabahlambalazi unkulunkulukazi wenu. Ngakho-ke uma uDemetriyu nezingcweti ezikanye naye benendaba nomuntu, umthetho uvuliwe, bakhona nababusi; mabamangalelane. Kepha uma nibuza utho ngezinye izinto, luyakunqunywa emhlanganweni osemthethweni. Ngoba sisengozini yokumangalelwa ngesiyaluyalu salamuhla, kungekho sizathu esingalandisa ngaso ngalo mbuthano. Eseshilo lokho walichitha ibandla.

Dlulisela
Funda IzEnzo 19

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo