IzEnzo 19

19
IzEnzo 19
1Kwathi u-Apholo eseKorinte, uPawulu esedabule izwe eliphezulu, wafika e-Efesu;
2Wathi kubo: “Namukele uMoya oNgcwele selokhu nakholwa na? Base bethi kuye: “Asikaze sizwe ukuthi kukhona uMoya oNgcwele.”
3Wathi kubo: Pho nabhabhathizwa kuyiphi na? Basebesithi: Kubhabhathizo lukaJohane.
4UPawuli wasesithi: UJohane wabhabhathiza umbhabhathizo wokuphenduka, esithi ebantwini ukuthi bakholwe kuye ozayo emva kwakhe, onguKristu Jesu.
5Kwathi ukuzwa lokho, babhapathizwa egameni leNkosi uJesu.
6UPawuli esebeke izandla phezu kwabo, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo; bakhuluma ngezilimi, baprofetha.
7Amadoda onke ayengaba ishumi nambili.
8Wayesengena esinagogeni, wakhuluma ngesibindi izinyanga ezintathu, ekhuluma eqinisekisa ngombuso kaNkulunkulu.
9Kodwa kwathi abanye bezenza lukhuni bengakholwa, bekhuluma kubi ngaleyoNdlela phambi kwexuku, wasuka kubo, wehlukanisa abafundi, ekhuluma insuku ngensuku esikolo sikaTiranu.
10Lokho kwenzeka iminyaka emibili; kangangokuthi bonke abakhileyo e-Asiya balizwa izwi leNkosi, amaJuda namaGreki.
11UNkulunkulu wenza imisebenzi yamandla emangalisayo ngezandla zikaPawuli.
12Kwaze kwathathwa amaduku nezigqoko emzimbeni wakhe kwabagulayo, izifo zasuka kubo, namademoni aphuma kubo.
13Abathile kubaJuda abakhipha imimoya emibi ababezulazula bazama ukubiza igama leNkosi uJesu phezu kwababenamademoni, bathi: “Siyanifungisa uJesu amshumayelayo uPawulu.
14Kwakukhona amadodana ayisikhombisa kaSkeva umJuda nompristi omkhulu, ayekwenza lokho.
15Umoya omubi waphendula wathi: UJesu ngiyamazi, noPawulu ngiyamazi; kodwa nina ningobani?
16Umuntu okuye umoya omubi weqela phezu kwabo, wabanqoba, wabahlula, baze babaleka kuleyondlu benqunu, belimele.
17Lokho kwaziwa yibo bonke abakhileyo e-Efesu abaJuda namaGreki; ukwesaba kwabehlela bonke, ladunyiswa igama leNkosi uJesu.
18Nabaningi abakholwayo beza, bazivuma, babika izenzo zabo.
19Abaningi kwababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke; babala intengo yazo, bathola izinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu.
20Kanjalo izwi likaNkulunkulu landa ngamandla, lanqoba.
21Kwathi seziphelile lezi zinto, uPawulu wazimisela emoyeni, esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, ukuya eJerusalema, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.
22Wathuma eMakedoniya ababili kwabamkhonzayo, uThimothewu no-Erastu; kepha yena wahlala isikhathi e-Asiya.
23Ngalesosikhathi kwavela isiphithiphithi esingesincinyane mayelana laleyoNdlela.
24Ngokuba umuntu othile ogama lakhe linguDemetriyu, umkhandi wesiliva, owenza amathempelana esiliva kaDiyana, wayeletha izingcweti inzuzo enkulu;
25Wababizela ndawonye kanye nezisebenzi zaleyo misebenzi, wathi: “Madoda, niyazi nina ukuthi ingcebo yethu kulo msebenzi.
26Futhi niyabona, niyezwa, ukuthi kungesikho e-Efesu kuphela, kodwa cishe kulo lonke elase-Asiya, uPawuli lo udukise abantu abaningi, waphambukisa, wathi abasibo onkulunkulu abenziwe ngezandla;
27Ngakho kayisikho lokhu kuphela umsebenzi wethu osengozini yokudelelwa; kodwa nokuba ithempeli likankulunkulukazi omkhulu uDiyana liyakuchithwa, nobukhosi bakhe buchithwe, okhulekelwa yi-Asiya yonke nomhlaba wonke.
28Sebezwile lawa mazwi bagcwala ulaka, bamemeza bathi: “Mkhulu uDiyana wabase-Efesu!
29Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, baphuthuma enkundleni yemidlalo nganhliziyonye babamba uGayu no-Aristarku abaseMakedoniya ababehamba noPawulu.
30Kwathi uPawulu esefuna ukungena esixukwini, abafundi abamvumelanga.
31Abanye bababusi base-Asiya, ababengabangane bakhe, bathumela kuye, bemncenga ukuba angazinikeli enkundleni yemidlalo.
32Ngakho abanye bamemeza okunye labanye okunye, ngoba umhlangano waphithizela; abaningi babengazi ukuthi babebuthene ngani.
33Basebekhipha uAleksandro exukwini, abaJuda bamqhubela phambili. U-Aleksandru waqhweba ngesandla, efuna ukuziphendulela kubantu.
34Kodwa sebekwazi ukuthi ungumJuda, bonke ngazwi linye bamemeza kungathi amahola amabili, Mkhulu uDiyana wabaseEfesu!
35Kwathi umabhalane esezithulisile izixuku, wathi: Madoda ase-Efesu, ngumuphi umuntu ongazi ukuthi umuzi wabase-Efesu ungumkhulekeli kankulunkulukazi omkhulu uDiyana nowesithombe esawa kuJupiter?
36Ngakho njengoba lezizinto zingephikwe, kufanele nithule, ningenzi lutho ngamawala.
37Ngokuba nilethile lawa madoda, angesibo abaphangi bamabandla, nabangabahlambalazi unkulunkulukazi wenu.
38Ngakho-ke uma uDemetriyu nezingcweti ezikanye naye benendaba nomuntu, umthetho uvuliwe, bakhona nababusi; mabamangalelane.
39Kepha uma nibuza utho ngezinye izinto, luyakunqunywa emhlanganweni osemthethweni.
40Ngoba sisengozini yokumangalelwa ngesiyaluyalu salamuhla, kungekho sizathu esingalandisa ngaso ngalo mbuthano.
41Eseshilo lokho walichitha ibandla.

Okuqokiwe okwamanje:

IzEnzo 19: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo