IzEnzo 18:1-11
IzEnzo 18:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Emva kwalokho uPawulu wamuka e-Athene, wafika eKorinte; Wafumana umJuda othile ogama lakhe lingu-Akwila, owazalelwa ePhontu, esanda kufika evela e-Italiya, noPrisila umkakhe; (ngokuba uKlawudiyu wayeyalile ukuba bonke abaJuda bamuke eRoma) weza kubo. Njengokuba yena engowomsebenzi ofanayo, wahlala nabo esebenza, ngokuba umsebenzi wabo babengabathungi bamatende. Wayeseshumayela esinagogeni isabatha ngamasabatha, wazuza abaJuda namaGreki. Kwathi sebefikile oSila loThimothewu bevela eMakedoniya, uPawulu wacindezeleka emoyeni, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu. Kwathi bemphikisa, behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; Mina ngihlanzekile: kusukela manje ngizakuya kwabezizwe. Wasesuka lapho, wangena endlini yomuntu othiwa nguJustusi, okhonza uNkulunkulu, ondlu yakhe yayiseduze lesinagoge. UKrispu induna yesinagoge wakholwa yiNkosi kanye nendlu yakhe yonke; abaningi kwabaseKorinte bezwa bakholwa, babhapathizwa. INkosi yasisithi kuPawuli ebusuku ngombono: Ungesabi, kodwa khuluma, ungathuli; Ngokuba mina nginawe, akakho oyakukusukela ukuba akulimaze, ngokuba nginabantu abaningi kulo muzi. Wahlala khona unyaka nezinyanga eziyisithupha efundisa izwi likaNkulunkulu phakathi kwabo.
IzEnzo 18:1-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

IzEnzo 18:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Emveni kwalokho, uPawula wasuka e-Athene waya eKhorinte. Wafumana lapho umJuda othile, ogama lakhe ngu-Akhwila odabuka ePhontu, owayesanda kufika evela e-Ithaliya, nomkakhe uPhrisila, ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda baphume baphele eRoma; naye-ke weza kubona. Ngokuba wayenza umsebenzi ofanayo nowabo, wahlala nabo, basebenza, ngokuba umsebenzi wabo kwakungukuthunga amathende. Wayeqagulisana nabo njalo ngeSabatha esinagogeni, wazuza abaJuda namaGriki. Kwathi sekufike uSila noThimothewu bevela eMakhedoniya, uPawula wagxila kakhulu ezwini, efakaza kubaJuda ngokuthi uJesu unguKhristu. Kepha bamphikisa, behlambalaza, wayesethintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu, mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.” Esesukile lapho, wangena endlini yomuntu, ogama lakhe nguThithu Justu, owayekhonza uNkulunkulu; indlu yakhe iseceleni kwesinagoge. UKhrisphu, umphathi wesinagoge nabo bonke abendlu yakhe, bakholwa yiNkosi; nabanye abaningi baseKhorinte abalalela, bakholwa, babhabhadiswa. INkosi yathi kuPawula ngombono ebusuku: “Ungesabi, kodwa khuluma, ungathuli, ngokuba Mina nginawe, akukho namunye ozakukuhlasela, akulimaze, lokhu nginabantu abaningi kulo muzi.” Wahlala lapho unyaka nezinyanga eziyisithupha, efundisa izwi likaNkulunkulu phakathi kwabo.
IzEnzo 18:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Emva kwalokho wamuka e-Athene, wafika eKorinte. Wafumana khona umJuda othile ogama lakhe lingu-Akwila, wasePontu ngokuzalwa, owayesanda kufika ephuma e-Italiya, enoPrisila umkakhe, ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda bamuke eRoma; weza kubo; lokhu wayemsebenzi munye nabo, wahlala nabo, basebenza. Ngokuba umsebenzi wabo kwakungukuthunga amatende. Washumayela esinagogeni* ngamasabatha onke, wazuza abaJuda namaGreki. Kepha sebefikile oSila noThimothewu behla eMakedoniya, uPawulu wakhathalela izwi, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu. Kwathi benqaba, behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.” Wasuka lapho, weza endlini yomuntu ogama lakhe linguThithiyu Justu, okhonza uNkulunkulu; indlu yakhe yayiseceleni kwesinagoge.* Kepha uKrispu umphathi wesinagoge* wakholwa yiNkosi kanye nendlu yakhe yonke, nabaningi babaseKorinte balalela, bakholwa, babhapathizwa. INkosi yayisithi kuPawulu ngombono ebusuku: “Ungesabi, kepha khuluma, ungathuli, ngokuba mina nginawe, akakho ozakukusukela, akulimaze, ngokuba nginabantu abaningi kulo muzi.” Wahlala khona umnyaka nezinyanga eziyisithupha efundisa izwi likaNkulunkulu phakathi kwabo.