IzEnzo 18

18
IzEnzo 18
1Emva kwalokho uPawulu wamuka e-Athene, wafika eKorinte;
2Wafumana umJuda othile ogama lakhe lingu-Akwila, owazalelwa ePhontu, esanda kufika evela e-Italiya, noPrisila umkakhe; (ngokuba uKlawudiyu wayeyalile ukuba bonke abaJuda bamuke eRoma) weza kubo.
3Njengokuba yena engowomsebenzi ofanayo, wahlala nabo esebenza, ngokuba umsebenzi wabo babengabathungi bamatende.
4Wayeseshumayela esinagogeni isabatha ngamasabatha, wazuza abaJuda namaGreki.
5Kwathi sebefikile oSila loThimothewu bevela eMakedoniya, uPawulu wacindezeleka emoyeni, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu.
6Kwathi bemphikisa, behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; Mina ngihlanzekile: kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.
7Wasesuka lapho, wangena endlini yomuntu othiwa nguJustusi, okhonza uNkulunkulu, ondlu yakhe yayiseduze lesinagoge.
8UKrispu induna yesinagoge wakholwa yiNkosi kanye nendlu yakhe yonke; abaningi kwabaseKorinte bezwa bakholwa, babhapathizwa.
9INkosi yasisithi kuPawuli ebusuku ngombono: Ungesabi, kodwa khuluma, ungathuli;
10Ngokuba mina nginawe, akakho oyakukusukela ukuba akulimaze, ngokuba nginabantu abaningi kulo muzi.
11Wahlala khona unyaka nezinyanga eziyisithupha efundisa izwi likaNkulunkulu phakathi kwabo.
12Kwathi uGaliyu engumbusi we-Akhaya, abaJuda bamvukela uPawulu nganhliziyonye, bamyisa esihlalweni sokwahlulela.
13Besithi: Lo uncenga abantu ukuthi bakhonze uNkulunkulu ngokuphambene lomlayo.
14Kwathi uPawuli esezavula umlomo, uGaliyo wathi kumaJuda: Uba bekuyindaba embi kumbe ububi obubi, lina maJuda, ngabe ngizalibekezelela;
15Kepha uma kuyimpikiswano ngenkulumo, namagama, nangomthetho wenu, zibhekeni nina; ngoba mina kangiyikuba ngumahluleli wezindaba ezinjalo.
16Wasebaxotsha esihlalweni sokwahlulela.
17Khona wonke amaGreki ambamba uSostene induna yesinagoge, amshaya phambi kwesihlalo sokwahlulela. Kepha uGaliyu akabanga nandaba nalutho lwalezo zinto.
18UPawuli esehlale khona isikhathi eside, wasevalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya, kanye loPrisila loAkwila; esegundile ikhanda eKenikreya, ngokuba wayenesithembiso.
19Wafika e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni, wakhulumisana nabaJuda.
20Kwathi sebemncenga ukuthi ahlale isikhathi esidana labo, kavumanga;
21Kodwa wabavalelisa, wathi: “Ngimelwe nakanjani ukugcina lo mkhosi ozayo eJerusalema, kepha ngiyakubuyela kini, uma uNkulunkulu ethanda. Wamuka ngomkhumbi e-Efesu.
22Esefikile eKesariya, wenyuka wayobingelela ibandla, wehlela e-Antiyokiya.
23Esehlale khona isikhathi, wamuka, walidabula ngokulandelana izwe laseGalathiya nelaseFrigiya, eqinisa bonke abafundi.
24Kwasekufika e-Efesu umJuda othile ogama lakhe lingu-Apholo, ngokuzalelwa e-Aleksandriya, indoda ekhulumayo, enamandla emibhalweni.
25Lo muntu wayefundiswe indlela yeNkosi; evutha emoyeni wakhuluma, wafundisa kahle izinto zeNkosi, azi umbhapathizo kaJohane kuphela.
26Waqala ukukhuluma ngesibindi esinagogeni, okwathi ukuzwa u-Akwila noPrisila bamyisa kubo, bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngokucace kakhulu.
27Kwathi esezimisele ukudlulela eAkhaya, abazalwane baloba, bekhuthaza abafundi ukuthi bamamukele;
28Ngokuba wawakholisa kakhulu abaJuda, naphambi kwabantu, ebonakalisa ngemibhalo ukuthi uJesu unguKristu.

Okuqokiwe okwamanje:

IzEnzo 18: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo