IZenzo 18:1-11

IZenzo 18:1-11 ZUL20

Emveni kwalokho, uPawula wasuka e-Athene waya eKhorinte. Wafumana lapho umJuda othile, ogama lakhe ngu-Akhwila odabuka ePhontu, owayesanda kufika evela e-Ithaliya, nomkakhe uPhrisila, ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda baphume baphele eRoma; naye-ke weza kubona. Ngokuba wayenza umsebenzi ofanayo nowabo, wahlala nabo, basebenza, ngokuba umsebenzi wabo kwakungukuthunga amathende. Wayeqagulisana nabo njalo ngeSabatha esinagogeni, wazuza abaJuda namaGriki. Kwathi sekufike uSila noThimothewu bevela eMakhedoniya, uPawula wagxila kakhulu ezwini, efakaza kubaJuda ngokuthi uJesu unguKhristu. Kepha bamphikisa, behlambalaza, wayesethintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu, mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.” Esesukile lapho, wangena endlini yomuntu, ogama lakhe nguThithu Justu, owayekhonza uNkulunkulu; indlu yakhe iseceleni kwesinagoge. UKhrisphu, umphathi wesinagoge nabo bonke abendlu yakhe, bakholwa yiNkosi; nabanye abaningi baseKhorinte abalalela, bakholwa, babhabhadiswa. INkosi yathi kuPawula ngombono ebusuku: “Ungesabi, kodwa khuluma, ungathuli, ngokuba Mina nginawe, akukho namunye ozakukuhlasela, akulimaze, lokhu nginabantu abaningi kulo muzi.” Wahlala lapho unyaka nezinyanga eziyisithupha, efundisa izwi likaNkulunkulu phakathi kwabo.

Funda IZenzo 18