3 kaJohane 1:5-11
3 kaJohane 1:5-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Mzalwane, wenza umsebenzi wokwethembeka ngokunakekela abazalwane ikakhulukazi labo ongabazi. Bona bafakazile ngothando lwakho, phambi kwebandla. Kuyakuba yinto enhle kakhulu ukuba nxa sebehamba, ubanike usizo ngendlela eyamukelekayo kuNkulunkulu. Ngokuba ngenxa yeGama, baphuma bengaphethe lutho phakathi kwabezizwe. Ngakho-ke simele ukubamukela nokubasiza abantu abanjalo, ukuze sibe yizisebenzi zeqiniso kanye nabo. Ibandla ngalibhalela okuthile, kodwa uDiyothrefesi othanda ukuba ngungqaphambili, akasemukeli. Ngakho-ke mhla ngafika lapho, ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo, namazwi amabi esihleba. Kagcini nje ngokwenqaba ukwamukela abazalwane, kodwa udukisa nalabo abafisa ukwenzenjalo, abaxoshe ngisho nasebandleni. Mzalwane, ungalokothi ulandele okubi, kodwa ulandele okuhle kuphela. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kodwa owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.
3 kaJohane 1:5-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Sithandwa, wenza ngokwethembeka loba yini oyenza kubazalwane lakwabezizweni; abafakazele uthando lwakho phambi kwebandla; uba ubaqhubela ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu, ube wenza kuhle; Ngoba ngenxa yebizo lakhe baphuma bengathathi lutho kwabezizwe. Ngakho thina sifanele ukwamukela abanjalo, ukuze sibe abahlanganyeli eqinisweni. Ngalobela ibandla, kodwa uDiyotrefe othanda ukuba mkhulu phakathi kwabo akasamukeli. Ngakho-ke, uma ngifika, ngiyakukhumbula imisebenzi yakhe ayenzayo, ekhuluma kabi ngathi; Sithandwa, ungalandeli okubi, kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kepha owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.
3 kaJohane 1:5-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Sithandwa, wenza okuthembekileyo ngalokho okwenzele abazalwane nokuba bengabafo abafakazele uthando lwakho phambi kwebandla; uzakwenza kahle, uma ubaphelekezela ngokufanele uNkulunkulu; ngokuba ngenxa yeGama baphuma bengathathi lutho kwabezizwe. Ngalokho-ke thina sifanele ukubamukela abanjalo, ukuze sibe yizisebenzi zeqiniso kanye nabo. Ngalobela ibandla okuthile, kodwa uDiyotrefe othanda ukuba abe mkhulu phakathi kwabo akasamukeli thina. Ngalokho uma ngiza, ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo, esihleba ngamazwi amabi; futhi enganelisiwe nayilokho akabamukeli abazalwane yena, nabavumayo uyabanqabela, abakhiphe ebandleni. Sithandwa, ungalandeli okubi kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu; owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.
3 kaJohane 1:5-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)