Sithandwa, wenza ngokwethembeka loba yini oyenza kubazalwane lakwabezizweni; abafakazele uthando lwakho phambi kwebandla; uba ubaqhubela ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu, ube wenza kuhle; Ngoba ngenxa yebizo lakhe baphuma bengathathi lutho kwabezizwe. Ngakho thina sifanele ukwamukela abanjalo, ukuze sibe abahlanganyeli eqinisweni. Ngalobela ibandla, kodwa uDiyotrefe othanda ukuba mkhulu phakathi kwabo akasamukeli. Ngakho-ke, uma ngifika, ngiyakukhumbula imisebenzi yakhe ayenzayo, ekhuluma kabi ngathi; Sithandwa, ungalandeli okubi, kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kepha owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.
Funda 3 kaJohane 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 3 kaJohane 1:5-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo