3 KaJohane 1:5-11

3 KaJohane 1:5-11 ZUL20

Mzalwane, wenza umsebenzi wokwethembeka ngokunakekela abazalwane ikakhulukazi labo ongabazi. Bona bafakazile ngothando lwakho, phambi kwebandla. Kuyakuba yinto enhle kakhulu ukuba nxa sebehamba, ubanike usizo ngendlela eyamukelekayo kuNkulunkulu. Ngokuba ngenxa yeGama, baphuma bengaphethe lutho phakathi kwabezizwe. Ngakho-ke simele ukubamukela nokubasiza abantu abanjalo, ukuze sibe yizisebenzi zeqiniso kanye nabo. Ibandla ngalibhalela okuthile, kodwa uDiyothrefesi othanda ukuba ngungqaphambili, akasemukeli. Ngakho-ke mhla ngafika lapho, ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo, namazwi amabi esihleba. Kagcini nje ngokwenqaba ukwamukela abazalwane, kodwa udukisa nalabo abafisa ukwenzenjalo, abaxoshe ngisho nasebandleni. Mzalwane, ungalokothi ulandele okubi, kodwa ulandele okuhle kuphela. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kodwa owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.