3 kaJohane 1

1
3 kaJohane 1
1Ilunga kuGayu othandekayo, engimthanda ngeqiniso.
2Sithandwa, phezu kwakho konke ngifisa ukuba ube nenhlanhla futhi ube nempilo, njengokuba umphefumulo wakho uphumelela.
3Ngokuba ngathokoza kakhulu, lapho abazalwane befika, befakaza ngeqiniso elikini, njengokuba uhamba eqinisweni.
4Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.
5Sithandwa, wenza ngokwethembeka loba yini oyenza kubazalwane lakwabezizweni;
6abafakazele uthando lwakho phambi kwebandla; uba ubaqhubela ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu, ube wenza kuhle;
7Ngoba ngenxa yebizo lakhe baphuma bengathathi lutho kwabezizwe.
8Ngakho thina sifanele ukwamukela abanjalo, ukuze sibe abahlanganyeli eqinisweni.
9Ngalobela ibandla, kodwa uDiyotrefe othanda ukuba mkhulu phakathi kwabo akasamukeli.
10Ngakho-ke, uma ngifika, ngiyakukhumbula imisebenzi yakhe ayenzayo, ekhuluma kabi ngathi;
11Sithandwa, ungalandeli okubi, kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kepha owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.
12UDemetriyu ufakazelwa yibo bonke nayiqiniso uqobo lwalo; yebo, nathi siyafakaza; niyazi ukuthi ubufakazi bethu buqinisile.
13Benginokuningi ebengiyakukulobela khona, kepha angithandi ukukulobela ngoyinki nangosiba;
14Kodwa ngiyethemba ukuthi ngizakubona masinyane, sikhulume ubuso nobuso. Ukuthula makube kuwe. Abangane bethu bayakubingelela. Bingelela abangani ngamagama.
15Ukuthula makube kuwe. Abahlobo bayakhonza kuwe. Khonza kubo abahlobo ngamagama.

Okuqokiwe okwamanje:

3 kaJohane 1: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo