3 kaJohane 1:1-4
3 kaJohane 1:1-4 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ilunga kuGayu othandekayo, engimthanda ngeqiniso. Sithandwa, phezu kwakho konke ngifisa ukuba ube nenhlanhla futhi ube nempilo, njengokuba umphefumulo wakho uphumelela. Ngokuba ngathokoza kakhulu, lapho abazalwane befika, befakaza ngeqiniso elikini, njengokuba uhamba eqinisweni. Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.
3 kaJohane 1:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ilunga, kuGayu othandekayo, engimthanda ngeqiniso. Mzalwane, ngikufisela ukuba uphumelele kukho konke, futhi ube nokuphila okuhle, njengokuba umphefumulo wakho uphilile. Ngathokoza kakhulu ngesikhathi kufika abazalwane, befakaza ngokwethembeka kwakho eqinisweni, njengalokhu uhamba kulo. Ayikho intokozo eyedlula leyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.
3 kaJohane 1:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ilunga kuye uGayu othandekayo engimthanda ngeqiniso. Sithandwa, kunakho konke ngikufisela ukuba ube nenhlanhla nokuphila, njengokuba umphefumulo wakho unenhlanhla. Ngokuba ngathokoza lapha kufika abazalwane befakazela iqiniso lakho, njengokuba uhamba eqinisweni. Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.
3 kaJohane 1:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)