3 kaJohane 1:1-4

3 kaJohane 1:1-4 CZB24

Ilunga kuGayu othandekayo, engimthanda ngeqiniso. Sithandwa, phezu kwakho konke ngifisa ukuba ube nenhlanhla futhi ube nempilo, njengokuba umphefumulo wakho uphumelela. Ngokuba ngathokoza kakhulu, lapho abazalwane befika, befakaza ngeqiniso elikini, njengokuba uhamba eqinisweni. Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.