1 kwabaseThesalonika 2:3-8
1 kwabaseThesalonika 2:3-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba ukuyala kwethu akusikho okokuduka nokokungcola nangenkohliso, kepha njengokuba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuba siphathiswe ivangeli, siyakhuluma ngokunjalo, singenzeli ukuthokozisa abantu kepha uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu. Ngokuba asizange sibe namazwi okuthopha, njengokuba nazi; asizange futhi sibe nobuqili bokufisa, uNkulunkulu ungufakazi, singafunanga nokutuswa ngabantu, nakinina nakwabanye, ingani sasingaba namandla okunisinda njengabaphostoli bakaKristu, nokho saba mnene phakathi kwenu njengokuba umdlezane ondla abantwana bakhe. Ngokunjalo lokhu besinilangazelele, sasifuna ukuninika kungesilo ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kepha nokuphila kwethu uqobo, ngokuba nase ningabathandekayo kithina.
1 kwabaseThesalonika 2:3-8 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba isikhuthazo sethu asiveli enkohlisweni, noma ngokungcola, noma ngenkohliso; Kodwa njengoba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuthi siphathiswe ivangeli, sikhuluma ngokunjalo; kungenjengokuthokozisa abantu, kodwa uNkulunkulu ohlola izinhliziyo zethu. Ngokuba asizange sibe namazwi athophayo, njengokuba nazi, noma sifihle ukuhaha; UNkulunkulu ungufakazi: Asifunanga ukudunyiswa ngabantu, nakini, noma kwabanye, nakuba sasingaba umthwalo njengabaphostoli bakaKristu. Kodwa sasimnene phakathi kwenu njengomdlezane ondla abantwana bakhe; Kanjalo njengoba besinilangazela, sathanda ukuninika kungesilo ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kepha nemiphefumulo yethu uqobo, ngokuba nanithandeka kithi.
1 kwabaseThesalonika 2:3-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba ukuyala kwethu akusikho okwedukisayo nokokungcola nokobuqili, kodwa njengalokhu uNkulunkulu evumile ukuba siphathiswe ivangeli, ngakho-ke siyakhuluma, hhayi ukuba sithokozise abantu, kodwa uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu. Ngokuba asizange sibe namazwi okuthopha, njengokuba nazi, futhi asikaze sibe nobuqili bobugovu; uNkulunkulu ungufakazi. Asizange sifune ukutuswa ngabantu, noma yinina, noma ngabanye; nakuba sasingaba yisisindo kini njengoba singabaphostoli bakaKhristu, nokho saba mnene phakathi kwenu njengonina onakekela abantwana bakhe. Kanjalo njengoba besinilangazelela, sakuthokozela ukwedlulisela kini, hhayi nje ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kodwa ngisho thina uqobo, ngokuba nase ningabathandekayo kithi.
1 kwabaseThesalonika 2:3-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba ukuyala kwethu akusikho okokuduka nokokungcola nangenkohliso, kepha njengokuba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuba siphathiswe ivangeli, siyakhuluma ngokunjalo, singenzeli ukuthokozisa abantu kepha uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu. Ngokuba asizange sibe namazwi okuthopha, njengokuba nazi; asizange futhi sibe nobuqili bokufisa, uNkulunkulu ungufakazi, singafunanga nokutuswa ngabantu, nakinina nakwabanye, ingani sasingaba namandla okunisinda njengabaphostoli bakaKristu, nokho saba mnene phakathi kwenu njengokuba umdlezane ondla abantwana bakhe. Ngokunjalo lokhu besinilangazelele, sasifuna ukuninika kungesilo ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kepha nokuphila kwethu uqobo, ngokuba nase ningabathandekayo kithina.
1 kwabaseThesalonika 2:3-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)